EzakamuvaIbhola

IPirates iyaphenya ngabadlali abebexoxa eyokubheja

Bacishe bazifaka ecaleni elibi ebelingabaxoshisa ebholeni elikhokhelayo abadlali be-Orlando Pirates abavele kwividiyo bexoxa ngokubhejela umdlalo we-English Premier League. 

Umdlali ovele kakhulu kule video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngonozinti uSipho Chaine obexoxa ngokubhejela umdlalo weMenchester United ne-Arsenal. 

Uphikisana nabanye abadlali ngokuthi ubani ozonqoba kulo mdlalo bese abanye bamtshele ukuthi abafake imali abheje manje. 

Ube esesho nokuthi uma engafaka imali engakanani, engathola malini.

Ngokwemithetho eyengamele ibhola elikhokhelayo, abadlali abavumelekile ukubheja noma ngabe babhejela iligi abangadlali kuyo. 

Le vidiyo isuse umsindo kanti i-Orlando Pirates seyikhiphe isitatimende icacisa ukuthi laba badlali bebezikhulumela nje futhi bayazi abavumelekile ukubheja. 

“Ikilabhu seyiyibonile ividiyo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eveza abadlali bethu ababili bexoxa ngokubheja.

“Sithanda ukucacisa ukuthi abadlali abakwividiyo abazange babheje,” kusho iPirates esitatimendeni. 

“Le vidiyo iveza isikhathi sokuzincokolela phakathi kwabadlali beqembu abebengahlosile ukubheja kulo mdlalo we-English Premiership.

“Njengekilabhu, siyazi ngokugcwele imithetho ephathelene nokubheja. 

“Ukubheja kunoma yimuphi umdlalo kunqatshelwe ngokuphelele kunoma yimuphi umdlali okhokhelwayo.

“Nokho silusukumele lolu daba nabadlali abathintekayo, sagcizelela ukuthi noma kudlalwa izingxoxo ezifuze lezi zingaba nemiphumela emibi.

“Ikilabhu iphinde yagcizelela ukubaluleka kokuthobela imithetho yokubheja ukuze kugwenywe noma yimiphi imiphumela yesikhathi eside engaba khona.

“Abadlali bayalibona iphutha labo futhi sebexolisile. 

“Kodwa-ke, ngenxa yobucayi balolu daba, ikilabhu isisungule uphenyo lwayo lwangaphakathi.

“Lokhu kwenzelwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi akekho umdlali obandakanyeka kunoma yiluphi uhlobo lokubheja kwezemidlalo njengoba lokhu kuzobe kuwukwephulwa kwebhukwana lekilabhu bonke abadlali abasayina kulo.” 

Uma kutholakale ukuthi ukhona umdlali obhejayo eqenjini, engazithola esexoshwa ngokwephula lo mthetho obalulekile.