EzakamuvaiNdebe yoMhlaba

Abasalile kwiBafana: Kuyezwakala okukaFoster, uMabasa?

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubukeka esemxolele umgadli weBurnley, yase-England, uLyle Foster, ngemuva kwezinkulumo ezazingamenelisi ngalo mgadli ekuqaleni konyaka.

Lokhu kufakazelwe ukuthi amfake lo mgadli eqenjini azokhipha kulona abangu-23 azogadla ngabo emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni.

Kuke kwaba khona ukuhlokolozana ngamazwi phakathi kukaBroos nomqeqeshi weBurnley, uVincent Kompany, kubangwa yena uFoster.

Konke kuqale ngesikhathi lo mdlali efakwa eqenjini ebeliyodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngoJanuwari kodwa wagcina engafikanga.

ULyle Foster bekuvele ukuthi unesimo sokuphazamiseka ngokomqondo, esike samenza wangadlala eqenjini lakhe e-England.

Nokho uBroos neSouth African Football Association (Safa), bashaye amakhala ngokuthi lo mdlali ubedlala yonke imidlalo eqenjini lakhe ngesikhathi se-Afcon, kungakhombisi ukuthi unenkinga.

Kuke kwavela nokuthi iSafa bese iqale uphenyo ngokungezi kukaFoster kwiBafana ngesikhathi edingeka kakhulu kwi-Afcon.

Nokho ngoLwesithathu livelile igama lalo mgadli, iqembu lakhe elisanda kudliwa yizembe kwi-English Premier League (EPL), ngesikhathi uBroos ememezela iqembu lakhe.

Okuhlalukile kulesi sikwati ukuthi ababonwa oSiyanda Xulu, weSuperSport United, uThabang Monare noTshegofatso Mabasa, be-Orlando Pirates noGoodman Mosele weChippa United.

Kuyaxaka okukaMabasa ukuthi usale kanjani ngoba uyena oqobela amagoli kwiDStv Premiership, futhi uzihola phambili ngawu-15.

Kubadlali abakhona abayikusasa leqembu lesizwe, kufakwe uRelebohile Mofokeng wePirates, noDevin Titus weStellenbosch FC.

IBafana izobhekana neNigeria emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni 7 e-Uyo, bese izokwamukela iZimbabwe ngoJuni 11, eBloemfontein.

Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Bruce Bvuma, Ricardo Goss

Izitobha: Mthobisi Mvala, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Given Msimango, Sydney Mobbie, Innocent Maela, Siyabonga Ngezana, Thabiso Monyane, Nkosinathi Sibisi, Terrence Mashego, Thapelo Morena, Tapelo Xoli, Thabo Moloisane

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Grant Margeman, Jayden Adams, Bathusi Aubaas, Siphephelo Sithole.

Amafolosi: Percy Tau, Evidence Makgopa, Themba Zwane, Patrick Maswanganyi, Mihlali Mayambela, Devin Titus, Mlondi Mbanjwa, Elias Mokwana, Oswin Appollis, Iqraam Rayners, Lyle Foster, Relebohile Mofokeng