Ayibambeki eka-Erasmus yokweywa kwamaKhaladi ebholeni lakuleli
SIHLE NGUBO
Abadlali bebhola abangamaKhaladi sebebe nempumelelo enkulu kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, badlalela neqembu lesizwe iBafana Bafana.
Bonke laba badlali bebehlonishwa ngekhono labo futhi akukaze kube khona ukuthi bathathwa kancane uma beqhathaniswa nabadlali abomdabu abamnyama baseNingizimu Afrika.
Muva nje uKermit Erasmus, osanda kushiya kwi-Orlando Pirates, uveze imizwa yakhe ngokuthi abadlali abangamaKhaladi bathathwa kancane kuleli. Lokhu kushiye emikhulu imibuzo nokuphikisana kulabo abalandeli ibhola lakuleli.
“Abadlali abangamaKhaladi abahlonishwa eNingizimu Afrika. Kwi-Orlando Pirates bengazi ukuthi yimina ngedwa oyiKhaladi njengoba kwakunjalo ngesikhathi uDaine Klate esadlalela iPirates kodwa akekho owayewabona amagalelo kuleli qembu naseNingizimu Afrika yonke,” kusho u-Erasmus.
“Angifuni ukugaxa amakhokho emgibeni bese ngiyohlala ekhaya ngoba ngisafuna ukuba yingxenye kanobhutshuzwayo. Kodwa kulokhu kuba nzima uma kungekho osihloniphayo thina maKhaladi eNingizimu Afrika.”
Okushiwo yilo mdlali, oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns, kuyaxaka kakhulu uma kubhekwa umlando wabadlali bamaKhaladi kuleli, kusukela ezikhathini zakudala.
Akekho obathatha kancane abadlali abafana nenkakha uCalvin Petersen, owayedlalela iMoroka Swallows ngezikhathi zakudala. Nangesikhathi iNingizimu Afrika seyibuyiselwe emidlalweni yamazwe omhlaba abadlali abangamaKhaladi bebekhona eqenjini lesizwe lakuleli.
Lapha singabala uMark Williams, uShaun Bartlett, uFabian McCarthy, uBenni McCarthy, uQuinton Fortune, uDelron Buckley, uMark Fish, uMooneeb Josephs, uDaine Klate, uBryce Moon, uBevan Fransman, u-Emile Baron, uBrandon Silent nabanye.
Njengamanje uRonwen Williams weSundowns umdlali ohlonishwayo eNingizimu Afrika, yikho nje engukaputeni weBafana Bafana. U-Iqraam Rayners, weStellenbosch FC, uyayinikwa inhlonipho emfanele yikho nje ebizwa kwiBafana.
IKaizer Chiefs inabadlali abangamaKhaladi, okukhona kubona uYusuf Maart, uBrandon Peterson, u-Ashley du Preez, uReeve Frosler, u-Aden McCarthy, uDillan Solomons noDonay Jansen. Akukaze kuzwakale ukuthi laba badlali banenkinga kuleli qembu laseNaturena.
Nakwamanye amaqembu adlala kwiDStv Premiership bakhona abadlali abangamaKhaladi futhi akukho ukungabaza ukuthi bayobizwa kwiBafana uma benza kahle emaqenjini abo.
Ngabe likhona iqiniso kulokhu okushiwo u-Erasmus ngabadlali bamaKhaladi kuleli?