USukazi uveza okwenze baqoke iFC Augsburg
I-TS Galaxy isimemezele umqhudelwano omusha lapho izobhekana khona nezimbangi zase-Europe, ozoqala ngoJulayi nonyaka.
Umnikazi waleli qembu elidlala kwiDStv Premiership, uTim Sukazi uthi iFC Augsburg izoba yingxenye yemigubho emqhudelwaneni omusha obizwa ngeMpumalanga Premier’s International Tournament.
Lo mqudelwano kuhlelwe ukuthi ube seMbombela Stadium, eMpumalanga.
Nakuba amalungiselelo okuqala alo mqhudelwano ephakathi kwala makilabhu womabili, izingxoxo zisaqhubeka zokwenza lo mqhudelwano ube namaqembu amane ngezimpelasonto ezimbili.
Futhi lokhu kuzohlanganisa iqembu lesibili laseNingizimu Afrika nelinye elidlala e-Europe.
USukazi ukusho lokhu ezinkundleni zemidlalo eMbombela ngoLwesibili.
“Silapha namuhla ngoba kuzomenyezelwa iMpumalanga Premier’s International Tournament ka-2024.
“Umqhudelwano uzoqhatha iTS Galaxy neFC Augsburg okuyikilabhu edlala kwiGerman Bundesliga,” kusho uSukazi.
“Yize okwamanje kuyi-TS Galaxy ne-FC Augsburg kodwa sihlose ukuba namaqembu amane futhi sixoxisana namanye amakilabhu angodadewethu aseNingizimu Afrika.
“Sifuna iqembu lesibili lase-Europe, ukuze sibe namaqembu amabili aseNingizimu Afrika namabili ase-Europe.”
USukazi wengeza ngokuthi bebengakhetha amanye amaqembu amaningi ukuthi eze ezoba yingxenye yalo mqhudelwano, kodwa baya kuleli qembu laseGermany ngenxa yokufana kwamaqembu womabili.
“Sibhekisise kahle abangaba ozakwethu kulo mcimbi futhi sabona ukuthi kwiBundesliga kunekilabhu eyodwa efana ne-TS Galaxy.
“Ngakho-ke, ikilabhu eyagqama ngempela ngemuva kokuba ikhombise ukuqina kwayo iminyaka eminingana.
“Ikilabhu esencane futhi uma wazi iminyaka yamanye amakilabhu kwiGerman Bundesliga uzothola ukuthi i-Augburg iyafana nathi.
“Iyiqembu elenza izinto ezingaphezu kokulindeleke kulo. Ngakho-ke, uma ubabheka kule sizini, uzokwazi ukuthi ukube abahlulwanga imidlalo emine ilandelana mhlawumbe bebengangena kwi-European Championship.
FUNDA NALA: UMabasa uveza imizwa yakhe ngokugajwa uBroos kwiBafana
“Kuyisimo esifanayo nakithi, siphuthelwe yi-Caf Confederation Cup ngegoli elilodwa nje vo.”

