EzakamuvaIbhola

UMabasa uveza imizwa yakhe ngokugajwa uBroos kwiBafana

Umgadli we-Orlando Pirates onqobe indondo yomdlali ohambe phambili ngamagoli, i-PSL Golden Boot Award, uTshegofatso Mabasa, uthi akumkhathazi ukushiywa kwakhe ngaphandle kweBafana Bafana. 

Umqeqeshi uHugo Broos umangaze abaningi engamfaki lo mgadli eqenjini lakhe azoqala ngalo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

UMabasa uqede njengomshayimagoli ohamba phambili kwiDStv Premiership ka-2023/24 ngemuva kokushaya amagoli angu-16.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubesefomini ehlabahlosile yokuhlohla amagoli kwiPirates kusukela ebuyile la abebolekiswe khona kwiMoroka Swallows.

“Ukukhuluma iqiniso nje, akunjalo. Yebo, wonke umdlali ufuna ukudlalela iqembu lesizwe,” kusho uMabasa mayelana nokungafakwa kwakhe kwiBafana.

“Kodwa ngikholwa ukuthi uma kwakudaliwe ukuthi kuyokwenzeka, kuzokwenzeka ngesikhathi esifanele.

“Buka uMshishi (uThemba Zwane) kwenzakalani ngaye? Akakhethwanga nhlobo (ekuqaleni) kodwa manje useqokwa njalo.

“Ngakho-ke, kimina, akuyona into engicabanga ngayo kakhulu. Yebo kade ngenza kahle, futhi njengoba ngishilo uma kudaliwe ukuthi kwenzeke, kuyokwenzeka.

“Ngakho-ke angikhathazekile nakancane ngalokho,” kuphetha uMabasa.

UMabasa uzobe ebhekiwe ukuthi asize iPirates uma seyibhekene neSundowns engompetha beligi kowamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium ngoMgqibelo.

Lo mdlalo, ongowokugcina kule sizini, uzoqala ngo-3 ntambama.