Akuvamisile ukudayiselana kwe-Arrows neChiefs umdlali
SIHLE NGUBO
Kuqopheke umlando iLamontville Golden Arrows ivuma ukudayisela iKaizer Chiefs umdlali wasemuva, uBradley Cross, okuyinto engavamisile.
Abadlali abasuka kuBafana Bes’thende baye kuMakhosi, kuvamise ukuthi kube yilabo abasuke sebephelelwe izinkontileka. Awumuhle neze umlando wokuhwebelana ngabadlali kula maqembu ePremiership.
Muva nje sekuvele ukuthi uCross ubheke kwiChiefs futhi seyivumelene ngakho konke ne-Arrows. Lo mdlali, oneminyaka engu-23, alingatshazwa nakancane ikhono lakhe.
UPule Mmodi kuke kwabikwa ukuthi uye kwiChiefs ‘ngekhanda lakhe’ kodwa abaphathi baleli qembu bebengakufuni lokho. Nokho bekungelula ukumvimba ngoba inkontileka yakhe ibiphela ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
Okunye okuke kwavela ukuthi i-Arrows ike yazama ukuthi lo mdlali alule inkontileka yakhe neqembu, noma aye kwi-Orlando Pirates, hhayi kwiChiefs. UMmodi akazange ayingene leyo, waze wafihlela ngisho imenenja yakhe ngesikhathi eseyosayina kwiChiefs.
Kumasizini amaningi edlule kwasuka isidumo ngoPapi Zothwane owayesesayine eNaturena ngoba esephelelwe yinkontileka ne-Arrows. Kwavela ukuthi wayesasalelwe yinkontileka yonyaka ne-Arrows, okuyinto ayiphika lo mdlali.
Kwaba nokudideka kwaze kwaba nezinsolo zokuthi kwaba nokukokotelwa okuthile kwenkontileka, wasayinelwa inkontileka yena lo mdlali ayengayazi. Nokho wagcina ebuyile kwiChiefs yize ayesethulwe ngokusemthethweni, esenikwe nejezi unombolo 6.
UCross, odlala kwesokunxele emuva, uke waya ukuyozama inhlanhla kwiChiefs kumasizini amabili edlule. Lo mdlali, oke wathi qu kwiNewcastle United, yase-England, useke afakwe esikwatini seBafana Bafana esikhulu, lapho umqeqeshi uHugo Broos esuke ezohlunga khona abangu-23.
KwiChiefs uzobanga indawo noRushin Dortley okumanje usesikwatini seBafana Bafana esizodlala imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations, kusukela ngesonto elizayo. Omunye umdlali okhona kwesokunxele emuva uBongani Sam osayine kwiChiefs esuka kwiPirates.