EzakamuvaiNedbank Cup

Kubanjwe umoya ngababalulekile abalimele kwiSundowns

IMamelodi Sundowns ingase idlale ngaphandle kwabadlali okungenani abayisishiyagalombili kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.

AmaBrazilians azobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoJuni 1 eMbombela Stadium. 

La maqembu womabili asevele ake awudlala owamanqamu ngasekuqaleni kwesizini la kwanqoba khona iPirates ngo 3-1 sekhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

IMamelodi Sundowns isiwine isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana kanti iNedbank Cup kufanele ibe yibhonasi uma inqoba kowamanqamu. 

Njengoba ehluliwe kwiCarling Knockout Cup neMTN8, uRulani Mokwena uzofuna ukwengeza indebe ye ‘Ke Yona’ ekhabetheni lezindebe eChloorkop

Lezi zinkunzi zaseTshwane zibe nesizini encomekayo kwiligi zingahlulwa emidlalweni engu-29. 

Zihlulwe kanye ngesikhathi zibhekene neCape Town City emdlalweni wazo wokugcina kwiligi.

IMamelodi Sundowns ingase idlale ngaphandle kwabadlali ababili basemuva kulo mdlalo wamanqamu.

Abadlali abamqoka abafana noGrant Kekana no-Aubrey Modiba bangase bangabi khona kulo mdlalo wangoMgqibelo. 

Laba bobabili baphuthelwe umdlalo wokugcina weSundowns neCape Town City ngenxa yokulimala.

AMasandawana ashoda ngabadlali abaningi kodwa anenqwaba yabadlali okwenza ukungabi khona kwalaba kungabi yinkinga engako.

Nalu uhlu lwabadlali beSundowns abangase baphuthelwe yilo mdlalowamanqamu weNedbank Cup:

  • U-Rushine De Reuck: Ulimele edolweni. 
  • U-Abdelmounaim Boutouil: Udonseke umsipha wethanga. 
  • USiyanda Nyanga: Ulimele edolweni.
  • UThapelo Maseko: Ulimele eqakaleni.
  • UGrant Kekana: Udonseke umsipha wethanga.
  • U-Aubrey Modiba: Udonseke umsipha wethanga. 
  • ULesiba Nku: Udonseke umsipha wethanga.
  • UBathusi Aubaas: Udonseke umsipha wethanga.