EzakamuvaIbhola

Ulengelwa yizembe oweChiefs obesanda kufika 

IKaizer Chiefs isayine abadlali abayisishiyagalolunye ngaphambi kokuqala kwale sizini kodwa kuyacaca ukuthi lokho akusizanga ngalutho.

Phela leli qembu laseNaturena liqede isizini lishwiba izandla, futhi liqede ngaphandle kweTop 8, okuyihlazo elengeziwe. 

Manje sekuvela ukuthi omunye walaba badlali abayisishiyagalolunye kungenzeka akhonjwe indlela ngoba iqembu aligculisekile ngaye.

Ngokubika kweSoccer Laduuma, uMduduzi Mdantsane akazange enze okwanele ukuthi angagcinwa kuleli qembu.

Ngaphandle kokungagculisi ngendlela adlala ngayo enkundleni, nangaphandle kwayo ube nesigigaba esingesihle.

Lo mdlali uke wamiswa yileli qembu kulandela ukubhadanywa kwakhe ezitika ngeziphuzo ezidakayo emcimbini weqembu.

Kucashunwe umthombo uthi iKaizer Chiefs ihlela ukubolekisa ngaye ngesizini ezayo ngoba ngeke ikwazi ukumxosha. 

“Njengamanje izinto azibukeki kahle kuMdantsane. Izinkomba zithi kungenzeka kubolekiswe ngaye,” kusho lo mthombo.

“Inkinga wukuthi usenenkontileka ezophela ngoJuni ka-2026. Ngakho iqembu alikwazi ukumkhulula ngoba kuzokwengeza izindleko.”

Nokho likhona ithemba lokuthi angaqhubeka ahlale kwiKaizer Chiefs uma umqeqeshi omusha ebona ukuthi engamsebenzisa. 

“Bazolinda umqeqeshi omusha ahlole kahle bonke abadlali ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaye. 

“Ngakho kungenzeka ahlale kusalungiselelwa isizini, aphinde aye ekhempini neqembu ngaphambi kokwazi ikusasa lakhe. 

“Kodwa khona kubukeka kungekuhle neze ngakuye,” kuchaza lo mthombo. 

UMdantsane ufika kwiChiefs nje usebuya isibili njengoba akhulela enkulisa yayo ngaphambi kokushiya ayozama engxenye.

Uqale ukuzakhela igama kwiBaroka, wabe eseheha amehlo eCape Town City, ahlale kuyo iminyaka embalwa.

Ube eselandwa yiKaizer Chiefs kwazise ubenza izinto zenzeke kwiCitizens, kodwa kuMakhosi zathi kwagogo eZola.