UDoctor Khumalo uchazwa ‘ukupheka’ kukaMasterChef wePirates
SIHLE NGUBO
Uncoma indlela ‘apheka’ ngayo uSipho “MasterChef” Mbule we-Orlando Pirates, owayengumgadli weBafana Bafana uDoctor Khumalo.
Le nkakha, eyagqama kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, iyayithanda indlela enza ngayo uMbule, emenza ehluke kwabanye abadlali, ngokubona kwayo.
UMbule, elingangatshazwa ikhono lakhe kunobhutshimuzwayo, ucisho waphazanyiswa ukuthanda kakhulu utshwala, okumenze wachithwa amaqembu abewadlalela.
Ulandwe yiMamelodi Sundowns kwiSuperSport United abeshaya into ecokeme kuyona, kumasizini edlule.
Ufike wazibonakalisa ukuthi unekhono kuBafana Ba’Style, kodwa kwabhoka isihlava sokuthanda kakhulu amankwebevu.
Ngesizini edlule iSundowns imbolekise kwiSekhukhune United, nokubukeke sengathi ibimsusa eChloorkop ngenxa yezigemegeme zakhe.
KwiBabina Noko ufike wadlala kahle kwacaca ukuthi uyalazi ibhola, nokuyinto engazange imangaze nakancane.
Nokho libuye lasuka ikakade, wazithola efika ejimini ephuzile okuyinto ake ayenza esekwiSundowns.
ISekhukhune imumisile ekudlaleni kwathi ekupheleni kwesizini iSundowns yangayivuselela inkontileka yakhe.
Ngemuva kwalokho uke wamataniswa neKaizer Chiefs kodwa wagcina esayine kwiPirates.
Ufike kweZimnyama washaya into ecokeme nokwenze ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, amfake eqenjini lesizwe.
Njengamanje ungomunye wabadlali okuthenjelwe kubona njengoba iBafana Bafana izoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco.
“USipho (Mbule) usiphakamisile isandla wathi ngiyayithatha le ndawo unombolo 10. Ukukhombisile lokho bedlala neGhana,” kusho uKhumalo kwi-10bet Podcast.
UMbule ushaye elihle igoli iBafana Bafana inqoba ngo 1-0 kwiGhana emdlalweni wobungani eDobsonville Stadium, ngeledlule.
“Yisona sizathu leso esenza ukuthi ngithi abadlali abafana noMbule, ngeke ulokhu ubacija noma ubatshele ukuthi kumele benzeni. Ngeke,” kuqhuba uKhumalo.
“Ungamtshela ukuthi uma usondela ebhokisini khahlela? Cha, yinto ezenzekelayo, yikhono lendalo.
“Uma efuna ukunyakaza kanye noma kabili, ngeke uthi libambe ngesokudla, uphase ngesokunxele.
“Ngesinye isikhathi uthola ibhola, alishaye ngesithende, lize ngakolunye uhlangothi. Yinto ongeke uyiqeqeshe leyo, ikuyena.”
INingizimu Afrika izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuqala we-AFCON, eMarrakech Stadium, ngoMsombuluko, ngo-7 ebusuku.

