EzakamuvaIbhola

Uyaqhubeka nokuqhakaza uSiya Ngezana eRomania

USiyabonga Ngezana ube ngomunye wabadlali abavelele kwiligi enkulu yaseRomania ngesizini yakhe yokuqala.

Lo mdlali wasemuva obegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule, uqokelwe eqenjini lonyaka leleSuperliga. 

USiyabonga Ngezana, oneminyaka engu-26, ujoyine iFCSB ngoJulayi ngemali ebalelwa ku-R12-million esuka kwiChiefs. 

Usanda kuwina isicoco sakhe sokuqala seligi futhi usize iFCSB ukuthi iqede isomiso seligi seminyaka eyisishiyagalolunye.

Lezi zinkunzi zaseRomania zizoodlala kwiUefa Champions League ngesizini ezayo kodwa zizoqala esigabeni sokuhlungela ukungena kweyamaqoqo. 

USiyabonga Ngezana ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeqembu ngo-2023/24.

Ngemuva kwezingqinamba ezithile ngesikhathi esanda kufika kuleliya lizwe, ugcine ekwazile ukungena eqenjini eliqala imidlalo. 

Miningi ke nemidlalo abeqokwa kuyo njengomdlali ovelele njengoba ebeyibaba kahle emuva. 

Udlale imidlalo engu-31 eqenjini lakhe elisha lapho iFCSB ingangenelwanga goli emidlalweni engu-15. 

Njengoba edlale imidlalo engu-23 kwiSuperliga, uNgezana uqokelwe eqenjini elisemthethweni lesizini lalesi sigaba. 

Ukwenza kahle kwakhe eRomania sekumbuyisele naseqenjini lesizwe iBafana Bafana kaHugo Broos.