Ezakamuva

‘Zibuyelene izithandani’ uMazinyo neSpurs

SIHLE NGUBO

Eyababili ayingenwa. Seziphinde zabuyelana izithandani phakathi kweCape Town Spurs F.C. nomqeqeshi wayo u-Ernst Middendorp.

I-Urban Warriors imemezele ukuthi sebevumelene nomqeqeshi uMazinyo ukuthi aqhubeke nokusebenza eqenjini.

Leli qembu laseKapa likhiphe isitatimende ngeledlule esithi bavumelene nalo mqeqeshi waseGermany ukuthi bahlukane ngokuthula nangokushesha. Kulesi sitatimende bekukhuluma isikhulu esiphezulu seSpurs, u-Alexi Efstathiou, obongile kuMazinyo, njengoba aziwa kanjalo ebholeni lakuleli.

“Egameni lebhodi neqembu sithanda ukudlulisa ukubonga ku-Ernst ngokuzinikela kwakhe kulezi zinyanga ezedlule,” kusho isitatimende.

“Umoya wokulwa awukhombisile emzuliswaneni wesibili neqembu lethu ubumangalisa kakhulu.

“Ngebhadi ngenxa yesimo semali kwiNFD iqembu alikwazanga ukuqhuba ubudlelwano.

“Akukho okungale kwalokho ngalesi sinqumo njengoba umqeqeshi ubefuna ukuhlala asize iqembu ukuthi libuyele kwiPremiership.”

UMiddendorp uthathe izintambo kwiSpurs ngemuva kokuxoshwa kukaShaun Bartlett obelinyusile lisuka kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngebhadi iqembu ligcine lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini. ISpurs seyishaye ungqimphothwe yambuyisa uMazinyo njengoba ilungiselela isizini entsha yeMotsope Foundation Championship.