EzakamuvaIbhola

Kuvuseleleke uthando lukaBruce Bvuma kuBroos

Kuvele negama likanozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ememezela iqembu azokhetha kulona abazoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Njengamanje akukabi abangu-23 abazolibangisa e-Ivory Coast ngonyaka ozayo kodwa kufanele ukuthi kuzomkhuthaza lo nozinti ukubona igama lakhe esikwatini saseNingizimu Afrika.

IChiefs ibilokhu ibamba iyeka ngonozinti selokhu kuqale isizini. Bekuqalwe kuvimba uBrandon Petersen kodwa ukwenza kwakhe amaphutha abelenzela phansi iqembu, kumenze wangasithola isikimu emidlalweni edlule.

Ngemuva kwalokho bese kuvimba u-Itumeleng Khune futhi akenzanga kabi emidlalweni lapho ebevimbile. 

Nokho lo nozinti, othandwayo eNingizimu Afrika, uvele wazifaka enkingeni ngokufika ejimini yeChiefs enuka utshwala. Ugcine emisiwe waphucwa nebhande likakaputeni.

Kube sekunikwa ithuba uBruce Bvuma ofike wazikhombisa ukuthi ungunozinti oyaziyo into ayenzayo. 

Usavimbe imidlalo emibili kuphela kodwa umehluko uvele usuyabonakala ezintini zeChiefs.

Ubesezintini ngesikhathi iChiefs ishaya iMoroka Swallows ngo 1-0, nangesikhathi ishaya iPolokwane City ngawo lo 1-0. 

Abathandi beChiefs bajabule ngokuthi lo nozinti akazange alidedele igoli kule midlalo emibili.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi ngesikhathi esanda kufina uBroos kwiBafana, wayembiza uBruce Bvuma yize ayengadlali ngaleso sikhathi kwiChiefs.

Wathi kukhona into ayibonayo kulo nozinti, emenza abe nethemba lokuthi uzoba ngunozinti wakhe wokuqina ngokuhamba kwesikhathi.

Omunye umdlali okhona eqenjini likaBroos uLyle Foster, ogijima kwiBurnely yase-England. 

Lo mgadli sekunesikhathi engadlali eqenjini lakhe njengoba elashwa isifo esithinta umqondo. 

Nokho izindaba ezivela kwiBurnely zithi uyelulama futhi isimo sakhe sibukeka sisihle kanti usebuyelile nasejimini.

Umqeqeshi weBurnley, uVincent Kompany noBroos banobudlelwano obuhle futhi bayaxoxisana ngalo mdlali.

Bobabili bangabokuzalwa eBelgium kanti bake basebenza ndawonye phambili kokuyikho okwenza ukuthi namanje basebenzisane kahle.

Kukhona nesitobha somdlali weStellenbosch FC, uFawaaz Basadien, oqalayo ukuba yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana. 

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Ronwin Williams, Veli Mothwa, Ricardo Goss, Bruce Bvuma noMelusi Buthelezi

Izitobha: Sydney Mobbie, Aubrey Modiba, Nkosinathi Sibisi, Mothobi Mvala, Siyanda Xulu, Grant Kekana, Khuliso Mudau, Thabiso Monyane, Given Msimango, Bradley Cross, Thapelo Maseko, Siyabonga Ngezana, Thapelo Xoki, Ime Okom, Thapelo Morena, Terrence Mashigo, Khululiso Mudau noFawaaz Basadien.

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Grant Margeman, Jayden Adams, Njabulo Blom, Miguel Timm, Thabang Monare, Sibongiseni Mthethwa, Bathusi Aubaas, Goodman Mosele, Sphephelo Sithole, Ethan Brooks, Patrick Maswangayi noMlungisi Mbunjana

Amafolosi: Mihlali Mayambela, Themba Zwane, Evidence Makgopa, Khanyiso Mayo, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Lyle Foster, Lebo Mothiba, Monnapule Saleng, Tshepang Moremi, Elias Mokwana, Bongokuhle Hlongwane, Oswin Appollis no-Iqraan Rayners