Ukushaywa kweNigeria kunika iBafana ithuba kweyokuhlungela eyoMhlaba
SIHLE NGUBO
INigeria ibhekene nesimo sokuhluleka ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 njengoba isahlulekile ukunqoba emidlalweni emine eyidlalile yokuhlunga.
Isimo sibe muncu kakhulu kwiSuper Eagles kulandela ukushaywa yiBenin ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMsombuluko.
Okuhlalukayo ukuthi iBenin ibiyicuphele kahle umgoga iNigeria njengoba iqeqeshwa uGernot Rohr owake wacija yona iSuper Eagles. Leli lizwe lidlale ngokulingana neLesotho, iZimbabwe, neNingizimu Afrika, njengoba selithelwa othulini yiBenin kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Ukushaywa kweNigeria kuvulela intuba iBafana Bafana ezotholana phezulu neZimbabwe eBloemfontein ngoLwesibili ngo-6 ntambama. IBafana neSuper Eagles babambane ngo 1-1 eNigeria ngoLwesihlanu.
Kulo mdlalo iNingizimu Afrika bekumele ibuye namaphuzu amathathu uma kubhekwa amathuba ewatholile okuqeda nya ngeNigeria.
IZimbabwe akulona izwe okulula ukulishaya futhi neBafana iyakwazi lokho. Nokho kumele ezikaHugo Broos zinqobe lo mdlalo ukuze zibe namaphuzu alinganayo naweBenin, ayisikhombisa.
OkweNigeria kubi kakhulu njengoba izobhekana neRwanda bese kuba yiZimbabwe ngoMashi 2025, lapho iyobe inengcindezi yokunqoba noma kanjani.