iDStv Premiership

Usihlalo weBay ucacisa ngekusasa likaVilakazi eqenjini

SIHLE NGUBO

Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, uqinisekise ukuthi akayi ndawo umqeqeshi weqembu uVusumuzi “Kanu” Vilakazi ngesizini ezayo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe ligweme ukuya kwiMotsepe Foundation Championship, kulandela ukushaya iBaroka FC ngo 4-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga iqembu elizoyibamba kwiPremiership ngesizini ezayo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

INatal Rich Boyz ivele yangafuna ukubamba iyeka kulo mdlalo, yahlohla amagoli amane kwaphela kanjalo ngeBakgaga. Leli qembu (iBaroka) belidinga ukunqoba ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa langathola nelilodwa igoli.

UBiyela uthe asikho isidingo sokulokhu ebamba eyeka ngomqeqeshi ngesizini ezayo.

“Uyilungiselani into uma ingahlephukile? Wenze kahle kakhulu, usithole sinamaphuzu angu-13 sagcina siqede sinangu-30,” kusho uBiyela ngemuva komdlalo.

Emidlalweni engu-24, uVilakazi unqobe engu-12, wadlala ngokulingana emine wase eshaywa kweyisishiyagalombili. Akazange ashaywe kwemine yokuhlunga lapho emibili wadlala ngokulingana emibili.

UBiyela ube esegxeka iziphathimandla zaseMhlathuze ngokuhluleka ukugcina isethembiso sokulungisa inkundla eseRichards Bay, uMhlathuze Sports Complex.

“Iziphathimandla zaseMhlathuze kumele zizame ukwenza izinto ngendlela. Ngabe asizitholanga sikulesi simo ukuba asidlalanga yonke imidlalo yethu yeligi engu-30 ekuhambeni,” kusho lo sihlalo.

INatal Rich Boyz iyidlalela eKing Zwelithini yonke imidlalo yayo yasekhaya. Bese kuyisizini yesibili lena kulokhu kuthiwa kulungiswa inkundla eseRichards Bay kodwa akucaci ukuthi kwenzekani.

UBiyela ubonge abalandeli ngokubeseka ngaso sonke isikhathi noma izinto zingahambi kahle eqenjini.

“Bebenathi ePololokwane (emidlalweni yokuhlunga), baba nathi ePitoli, njengoba benathi namuhla. Sibonga kakhulu kubalandeli bethu.”