Ikhilikithi

Kugqame uDe Kock amaProteas enqoba kwi-USA

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika izenzele umsebenzi olula waba nzima ngesikhathi ishaya i-USA ngama-run angu-18 emdlalweni weSuper 8 yeNdebe yoMhlaba yeT20 eSir Vivian Richards Stadium, ngoLwesithathu.

AmaProteas bekubhekeke adlule kalula nje kwi-USA engayidlali njalo ikhilikithi. Nokho iqembu lakuleli libukeke lizithela ngabandayo ekugcineni ngemuva kokudlala kahle libhetha.

INingizimu Afrika iyona ebhethe kuqala kulo mdlalo. Kube ukudlala kahle ngokuhlanganyela kukakaputeni u-Aiden Markram noQuinton de Kock. UMarkram uphume esehlanganise ama-run angu-46, kanti uDe Kock, (obe umdlali wosuku) ubesenze angu-74.

Omunye umdlali odlale kahle uHeinrich Klaasen ogcine enze ama-run angu-36 engaphumanga. AmaProteas aqede ama-over angu-20 esenama-run angu-194.

Iphendula i-USA iqale kahle ikhombisa ukushaya ibhola kuma-over amahlanu okuqala. Nokho uKagiso Rabada uthathe amawikhethi amabili kuma-over akhe amabili okuqala, wehla umfutho eqenjini lasekhaya. UTabraiz Shamzi, uKeshiv Maharaj no-Anrich Norjte, bathathe iwikhethi emunye.

Ngasohlangothini lwe-USA bekubhoke uGous ogcine enze ama-run angu-80 engaphumanga. Ngasekugcineni abashwibi bamaProteas bebenza amaphutha, nokwenze i-USA yabuyela emdlalweni.

Kusize uRabada othathe iwikhethi kaHarmeet Singh (38) obesevuke umbhejazane. URabada uqede ena-3/18.

Emdlalweni olandelayo iNingizimu Afrika izobhekana ne-England eDarren Sammy National Cricket Stadium ngoLwesihlanu, ngo-4.30 ntambama.