EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Uxolisile oweSafa ‘ngokuhlambalaza’ abaqeqeshi beGolden Arrows

Uzifake ehlazweni uWalter Steenbok weSafa ngesikhathi edalula amagama abaqeqeshi beGolden Arrows ethi bangabanye babangenazo izitifiketi zokuqeqesha. 

USteenbok usethole ukunconywa ngabalandeli njengoba ebesezinhlelweni ezihlukene zemisakazo muva nje echaza ngezinhlelo zakhe. 

Usanda kuqashwa ukuphatha ezokuqeqesha kwiSafa kanti uthi ufuna bonke abaqeqeshi abasebenza emazingeni aphezulu babe nezitifiketi zalo msebenzi. 

Uze wathi kuyichilo ukuthi abaqeqeshi abangenaso nesokubika isicucu baqahsw eamaqembu amakhulu kodwa kukhona abanazo abangasebenzi. 

Wabe esebalula nabaqeqeshi be-Arrows oVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza kulabo athi basebenza ngaphandle kwezimfanelo. 

Kodwa ke uVilakazi usekucacisile ukuthi yena unazo, waveza nokuphoxeka kwakhe ngalezi zinkulumo zikaSteenbok. 

“Nami ngihlamba;lazekile emphakathini,” usho kanje UVilakazi ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo we-Arrows neStellenbosch ngoMgqibelo. 

“Ngicabanga ukuthi lesi sikhulu sinezinhlelo ezinhle lezi akhuluma ngazo. Kuyishwa nje ukuthi akanalo ulwazi olugcwele. 

“Kodwa ke vele usanda kuwuqala lo msebenzi. Ngiyamxolela kodwa bekumele angene emabhukwini athole ulwazi ngaphambi kokubala amagama ethu. 

“Thina sinazo izicucu zokuqeqesha. Kodwa naye usexolisile. Ungithumelele umlayezo obhalwe phansi exolisa ngakushilo.” 

Lo mqeqeshi osemncane we-Arrows uthi okumdidayo wukuthi nePremier Soccer League iyazifuna isififiketi zabo zokuqeqesha uma kuqala isizini. 

“Angazi kwenzakalani ngoba engikwaziyo wukuthi njalo uma kuqala isizini iPSL ithi asilethe izitifiketi zethu… Sonke. 

“Yingakho ke ngingazanga kahle ukuthi unalo yini lolu lwazi noma cha,” kuchaza uVilakazi owayengumdlali kwi-Arrows ngaphambi kokungena ekuqeqesheni. 

FUNDA NALA: UBrandon Truter ufakazela uDube ngolwamankwebevu kuMaZulu

“Kodwa ke njengoba bese ngike ngasho usanda kuwuqala lo msebenzi… Kodwa mhlawumbe nathi kumele simbheke ukuthi unazo yizi izitifiketi zalo wakhe umsebenzi.” 

By Sbongs Gumbi