EzakamuvaiDStv Premiership

Komphela: Namanje ngisabanjiswe udonga kwiSwallows

IMoroka Swallows isaziqhubekela ngaphandle komqeqeshi wayo uSteve Komphela njengoba ilungiselela ukuqhubeka kwesizini yeDStv Premiership. 

USteve Komphela, ongumqeqeshi onenkontileka neMamelodi Sundonws, ubecelwe yiSwallows ekuqaleni kwesizini ukuba azoyisiza.

Yakhulumisana naye nabaphathi beSundowns abavuma – lokhu kwamenza umqeqeshi wesibili kuleli ukuthi kubolekiswe ngaye.

Kwaqala ngoRulani Mokwena ngesikhathi ekwi-Orlando Pirates ebolekiswa kwiChippa United eminyakeni embalwa edlule. 

UKhomphela ubewubambe kahle lo msebenzi weSwallows kodwa isivele yamziba nje njengoba kuqhubeka amalungiselelo okuqhubeka kwemidlalo kwiPSL. 

Ekhuluma kwiRadio 2000 ngoLwesine, uthe namanje akakatshelwa ukuthi abuye, iqembu selibuyele ejimini.

Yena wagcina ngesikhathi benikwa ikhefu kulandela izinkinga zeqembu zangoDisemba. 

“Anginqatshelwanga ukuthi ngingene la kuzilolongela khona iqembu ngoba angiyanga nokuya khona,” kusho uKomphela. 

“Ngisalinde ukuxhumana nehhovisi ngoba ngemuva kokuhoxiswa kwemidlalo ngoDisemba, satshelwa ukuthi sizokwaziswa uma sekumele sibuyele ejimini. 

“Isizini izoqala kabusha ngesonto elizayo. Mhlawumbe kuzoba noshintsho futhi sithole indlela eya phambili. 

“Kodwa njengamanje, ngizihlalele nje ngibukele le filimu eqhubekayo.”

Uthe njengoba bekunezigungu zokuqondisa abadlali ubugwegwe nje, yena akakaze aziswe lutho.

ISwallows ize yaxosha abadlali abangu-23 ngemuva kokutholwa benecala lokungaziphathi ngendlela efanele. 

Lokhu bekulandela ukuteleka kwabo ngoDisemba, benqaba ukujima nokudlala bengaholile. 

“Angifuni ngempela ukukhuluma ngezindaba zeSwallows size sizixoxe kahle neqembu. 

“Kodwa ngabizwa kwiMoroka Swallows ukuthi ngizosiza. Sasisendaweni yesine (kwilogi) ngesikhathi kuqubuka lezi zinkinga zamabomu. 

“Angazi ukuthi kuzokwenzakalani ngokulandelayo ngoba kuningi osekwenzekile manje.

USteve Komphela usole nemenja yeqembu, u-Elasto Kapowezha ngokuthi uzenzela umathanda eqenjini engazange abonisaye naye njengomqeqeshi. 

“Kunabadlali abaxoshiwe nezigcawu zokuqondiswa ubugwegwe ebengingazi nakwazi ngazo. 

“U-Elasto Kapowezha (imenenja yeqembu) wenza izinto engingazazi.”

“Kodwa noma kunjalo abalandeli bayangibiza, bathi angibuyele emuva. 

“Kodwa uma ngibuyela emuva ngizongena kanjani kuleyo ndawo ngoba kuningi okuhlakaziwe. 

“Maningi amalungiselelo abonakala enzeka ngingekho. Ngingayishayela kanjani imoto ebengikhekho yakhiwa?”