Sebeqalile ukushiya abadlali kwiChiefs, bazolandela abanye
SIHLE NGUBO
UNgcobo kuvela ukuthi ubheke kwiSekhukhune United njengoba vele iyaphela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni.
Lo mdlali, oneminyaka engu-30, udlale imidlalo engu-12 kuphela kwiChiefs ngesizini edlule, kanti kweminingi ubengena esuka ebhentshini. Ufike kuleli qembu esuka kwiMoroka Swallows.
KuMakhosi uNgcobo akazange akwazi ukulenza elakhe ijezi yize efike ethwelwe ngeqoma, kade esebizwa nakwiBafana Bafana. Ukungenzi kahle kweChiefs kumasizini edlule kube nomthelela omkhulu kulokho.
IChiefs kulindeleke ukuthi idedele abanye abadlali abaphelelwa yizinkontileka okukhona kubona nesithandwa sabalandeli, u-Itumeleng Khune, nesitobha uSifiso Hlanti. Nokho eNaturena bazama ukulinda kufike umqeqeshi omusha ngaphambi kokudedela nokusayinisa abadlali abasha.
Sekuyinto eyaziwayo ukuthi iChiefs kulindeleke imemezele uNasreddine Nabi, waseTunisia, njengomqeqeshi wayo omusha.