Kuvaliwe ‘ukuncebeleka’ koMama Joy, uBotha nabanye
SIHLE NGUBO
Ungqongqoshe weZemidlalo, ubuciko namasiko eNingizimu Afrika, uGayton Mackenzie, usewuvalile umpompi kubalandeli abaziwayo abahlale behambela yonke imidlalo ekhona.
Kunabalandeli okwaziwayo ukuthi abasali emidlalweni ethile kungakhathalekile ukuthi yibhola, ikhilikithi, yibhola lombhoxo noma yi-netball. Kulabo balandeli kugqame kakhulu uMama Joy Chauke, weRoyal AM noBotha Msila.
Laba bahlale behamba futhi bebekhona e-Ivory Coast ngesikhathi kudlala i-Africa Cup of Nations (Afcon). Nokho kubukeka sekuzophela manje ukuhamba amazwe kubona.
“Sengikuvalile konke ukuhamba kwalandeli abadumile. Kukhona abadlali namaciko abakuthola kunzima ukuhlanganisa imali ukuze bayothamela imidlalo nemibukiso yamaciko,” kusho uMackenzie.
“Uyithethelela uyithini into yokukhokhela abalandeli? Ngeke sisaqhubeka nokukhokhela lolo hambo, sizosebenzisa leyo mali lapho idingeka khona kakhulu.”
Imali ebikhokhelwa laba balandeli abaziwayo yinkulu kakhulu uma ubheka ukuthi bebegitsheliswa amabhanoyi, baphinde bakhokhelwe emahhotela behamba amazwe ehlukene.