Izinkakha ezingothisha nohlelo lokuthuthukisa imidlalo KwaMashu
Othisha abayizinkakha zebhola bagqugquzela ezemidlalo ezahlukene elokishini lakwaMashu.
Lolu hlelo luqalwe othisha abathathu ababengabadlali ezingeni elikhokhelayo phambilini ngenhloso yokubuyisa uthando lwezemidlalo ezikoleni zaselokishini.
UDelani Madonsela, onguthisha omkhulu wasePhakama Primary School, kanti wadlala kwi-African Wanderers.
UMusa Langa, owayengunozinti waMaZulu FC neGolden Arrows noTshepo Ntsoane wodumo kuMaZulu FC, Orlando Pirates, Umthatha Bush Bucks, neGolden Arrows.
Lolu hlelo balwenza njalo ngoLwesithathu, behlanganisa abafundi bese bebanika ithuba lokuveza amakhono ezemidlalo.
UTsepo Ntsoane utshele iMpempe ukuthi njengoba yena ekhule ngezemidlalo, uyakwazi ukubaluleka kwazo.
“Thina sikhule kudlalwa ezikoleni, imidlalo ehlukene,” kusho le nkakha.
“Bekulula ukuthi amaqembu athole abadlali abanohlonzo njengoba abadlali bebeqala ukuncintisana ngephozishini esikoleni baphinde bayibange eqenjini abadlala kulona.
“Ukuthola ijezi ezikoleni bekungelula nhlobo njengoba abadlali kade beqhudelana kakhulu ezikoleni.
“Lolu hlelo silwenza njalo ngoLwesithathu, badlala ibhola lezinyawo, ezokusubatha, amanqindi, ibhola lomnqakwisano, ibhola lombhoxo, ithenisi, nokubhukuda…
“Kuba lula ukuziqonda uma ngabe usengumntwana ngoba uyakhuthazeka kulokho okuthandayo.
“Uma umntwana ezihlanganisa nezemidlalo uyaqoqeka njengoba engenaso isikhathi sokuzihlanganisa nezidakamizwa okuyinkinga ekhungethe intsha yakuleli.”
FUNDA NALA: URiveiro ubona uRelebohile esekulungele ukudlala kwi-EPL
USiyabonga “Bhele” Nomvete, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, ubeyisimenywa esikhulu, ezokweluleka abafundi ngoLwesithathu.