EzakamuvaiDStv Premiership

UJessica Motaung ucacisa eyabadlali abasha kwiChiefs

SIHLE NGUBO

UJessica Motoung, oyiMarketing Director yeKaizer Chiefs, ucacisa indaba yadlali abasha bokuqinisa iqembu, nokuthi bangase babamemezele nini.

Usho lokhu ngesikhathi kunesithangami nabezindaba kwethulwa iToyota Cup eSandton, eGoli, ngoMsombuluko. IChiefs izobhekana neYoung Africans yaseTanzania kubangwa le ndebe ezobe idlalelwa okokuqala, eBloemfontein ngoJulayi 28.

Ngokusho kukaMotaung abasongile izandla kukhona abakwenzayo mayelana nokusayinisa abadlali abasha.

“Yinto esiphezu kwayo leyo. Sidinga ukunika umqeqeshi osanda kufika, nethimba lakhe, nalo lonke iqembu isikhathi sokuqedela konke,” kusho uMotaung.

“Umsebenzi uyenziwa ngale ekucasheni kodwa yinto ebalulekile neyakha umqondo ukuthi sivumele umqeqeshi ukuthi afike kuqala, ukuze abe yingxenye yezinqumo ezizothathwa. Lezi zimemezelo zizokwenziwa kungekudala.”

IChiefs isanda kwehlukana nabadlali okukhona kubona uSifiso Hlanti, uSiyethemba Sithebe, uKeagan Dolly noNjabulo Ngcobo. Umdlali okusavele ukuthi imsayinisile uBongani Sam osuka kwi-Orlando Pirates.