Okusha ngonozinti uRichard Ofori nekusasa lakhe kwiPirates
By Njabulo Shezi
Bekulindeleke ukuthi i-Orlando Pirates ivume isicelo sikanozinti uRichard Ofori okuke kwavela ukuthi ufisa ukushiya kuleli qembu.
Lokhu bekulandela ukuthi ehlushwa wukulimala obekumphazamisa, kwenze angakwazi ukugcina indawo yakhe ezintini zeBucs.
IPirates ize yalanda uSipho Chaine sekuphuthunywa ngesizini edlule ngenxa yokuthi u-Ofori ubelimele engakwazi ukudlala.
Uze welulama futhi waqala ukujima neqembu ngokugcwele ngasekupheleni kwesizini. Kodwa ngalesi sikhathi uChaine ubeseyenze eyakhe le ndawo.
Kusanda kuvela futhi nokuthi iPirates seyisayine unozinti obekwiTS Galaxy uMelusi Buthelezi ngoba ifuna ukuqinisa kulo mkhakha.
Kodwa manje sekuvela okusha futhi okuhlukile njengoba kuthiwa u-Ofori useqoke ukuqhubeka nokuhlala kwiPirates.
Kuthiwa lo nizinti waseGhana uselule inkontileka yakhe ngokwengeza eminye iminyaka emithathu. Lokhu kusho ukuthi uzohlala kuze kube ngu-2027 kuleli qembu.
Bekufanele ke nokho iPirates imhlalise u-Ofori kwazise usezingeni elihle futhi unamava okudlala ezingeni lamazwe ngamazwe.
Phela nguye obevimba eqenjini lesizwe langakubo iBlack Stars kuze kube uyalimala nokwenze wangaya eNdebeni yoMhlaba eQatar nyakenye.
FUNDA NALA: UMBONO: Ugida ndawonye njengeChippa uMnyango wezeMidlalo eKZN
Ngaphezu kwalokho, kunendlala engeyinhle yonozinti abasezingeni elifanele kuleli. Ngisho abaqhamuka ngaphandle iningi labo alisathembisi.
Ukuhlala kwakhe kwiPirates kusho ukuthi uzoba muhle umbango wejezi konozinti kuleli qembu uma noButhelezi egcina efikile.
USiyabonga Mpontshane yena kuvela ukuthi uzodedelwa kuleli qembu kanti kungenzeka aphambane noButhelezi ayovala isikhala sakhe kwiGalaxy.