EzakamuvaIbhola

ISundowns yehlukane nabadlali abangu-20 ngaphambi kwesizini entsha

SIHLE NGUBO

Ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, badedele abadlali abangu-20 njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership.

Abafana Ba’Style bangalinye lamaqembu ahlale enabadlali abaningi futhi iningi labo ligcina libolekiswa. Ekupheleni kwesizini edlule iSundowns ihlukane noBrian Onyango, uBongani Zungu, uPromise Mkhuma, uThabiso Kutumela, uGaston Sirino, uNicholus Lukhubeni noSiyanda Nyanga.

Akugcinanga lapho ngoba iSundowns kunabadlali ebadayisile okukhona kubona uNyiko Mobbie (SuperSport United), uJunior Mendieta (FC Volos), uKatlego Mohamme (Sekhukhune United FC) noMalebogo Modise (Chippa United FC).

Ngaphezu kwalokho leli qembu laseChloorkop libolekise abadlali balo abaningi emaqenjini ePremier Soccer League (PSL). Kulabo badlali kukhona uSifiso Ngobeni (AmaZulu FC) uRicardo Goss (SuperSport United FC), uThabang Sibanyoni (Richards Bay FC) u-Ismail Watenga (Golden Arrows FC), uLuvuyo Phewa (AmaZulu FC), u-Etiosa Ighodaro (AmaZulu FC), uSiyanda Msani  (AmaTuks FC), uThando Buthelezi (Richards Bay FC) noSammy Seabi (Chippa United) engakaqedwa eyokubolekiswa kwakhe kwiChilli Boys.

Umdlali wase-Ethiopia u-Abubeker Nasir naye kulindeleke ukuthi abolekiswe. Okwethuse kakhulu ukubolekiswa kukaMatias Esquivel eqenjini lase-Argentina, iTalleres. Lo mdlali ufike ngoJanuwari kwiSundowns kanti kuvela ukuthi ikhokhe u-R47 million ngaye.