EzakamuvaIbhola

UJose Riveiro uvuma ukusinda kwejoka lokuvikela iMTN8

Sihle Ngubo

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uthi kuzoba umqansa onzima kubo ukuvikela indebe yeMTN8 kodwa kumele nakanjani babhekane nawo.

Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni indebe yeMTN8 eRandburg, eGoli, ngoLwesine. 

IBucs iyona ekhale yemuka neMTN8 ngesizini edlule ngemuva kokushaya AmaZulu FC ngo 1-0 kowamanqamu.

“Kuzoba umsebenzi onzima kodwa okubalulekile ukuthi sinalo ithuba lokuvikela indebe,” kusho lo mqeqeshi owine neNedbank Cup ngesizini edlule.

“Sizozama ukuyivikela kodwa siyazi ukuthi namanye amaqembu akhona kulo mqhudelwano ayayifuna. 

“Yithuba elihle lokuqala isizini ngomqhudelwano omkhulu kangaka.” UJose Riveiro uphinde wanxenxa nabalandeli ukuthi baphume ngobuningi. 

“Njengomuntu ongowokufika kuleli, kodwa senginesikhathi ngikhona… kodwa ekuqaleni kwangethusa ukuthi kungani izinkundla zingagcwali. 

“Ngangizibuza ukuthi kungani singabi nabalandlei abaningi kunalaba esiba nabo (e-Orlando Stadium). Sikhona isikhala sabanye. 

“Sengike ngasho naphambilini ukuthi abalandeli yibo abasifaka umdlandla wokwenza okungaphezulu kuyo yonke imidlalo. 

“Ngingajabula uma singahlezi sidlala enkundleni egcwele phama,” kusho uJose Riveiro kwabezindaba. 

IPirates ilale isithathu kwilogi yeDStv Premiership ngesizini edlule. Ibingeke ikwazi ukuvikela le ndebe ukuba iqede ngaphandle kweTop 8.

Leli qembu elidlalela e-Orlando Stadium seliwine le ndebe amahlandla angu-11 kanti selike layiwina kabili kulandelana. 

Iqembu eseliyiwine kakhulu le ndebe yiKaizer Chiefs eyiphakamise kawu-15. Igcine ukuyiphakamisa ngo-2014 ukaputeni kunguTefu Mashamaite.

IMamelodi Sundowns yona isayiwine kane kuphela kanti iyigcine ngo-2021.

Imidlalo yeMTN8 izovulwa yiMamelodi Sundowns neMoroka Swallows ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eLucas Moripe Stadium. 

Kuzolandela umdlalo wePirates neSekhukhune United ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium.

FUNDA NALA: Ufaniswe nentombazane unozinti weChiefs, uNtseki uyamvikela

NgeSonto iKaizer Chiefs izovakashela iCape Town City eCape Town Stadium ngo-3 ntambama. 

Kuzobe sekuvala iSuperSport United neStellenbosch FC eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama.