EzakamuvaIbhola

Imenenja icacisa ngekusasa likaKanu

SIHLE NGUBO

Umphathi wezindaba zikaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, osanda kuhlukana neRichards Bay FC, uMike Makaab, uthi abajahile kakhulu ukuthola iqembu azolicija lo mqeqeshi.

UVilakazi akanaqembu kulandela ukushiya kwiNatal Rich Boyz kungalindele muntu. Ngokusho kwakhe lo mqeqeshi babanga inkontileka entsha nabenganeme ngemibandela yayo.

Imibandela yale nkontileka beyithi kumele aqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emihlanu. Nokho uVilakazi ubengakuboni kuzokwenzeka lokho ngoba uhhafu weqembu abadlali abasha abasadinga ukuhlangana kahle nabanye.

IBay seyiqashe uBrandon Truter okuvela ukuthi uyisayinile inkontileka ihambisana nalo mbandela, ngaphandle kokungabaza. UTruter akaqali ukuqeqesha kwiBay njengoba ebekhona ngesizini ka-2018/2019.

“Okwamanje ngingathi kukhona imisebenzi embalwa ekhona kodwa asijahile nakancane,” kusho uMakaab ophethe nezindaba zikaManqoba Mngqithi oqeqesha iMamelodi Sundowns.

“Sifuna ukuthola iqembu elizozwana noKanu nangendlela asebenza ngayo. Kumele kube umsebenzi ozosigculisa.”

Njengamanje iqembu ebelingakacacisi ngomqeqeshi yiLamontville Golden Arrows. UVilakazi uke wasebenza kuBafana Bes’thende lapho ebeqeqesha ngokubambisana noMabhuti Khenyeza. Ushiye isigubhukana wajoyina iChippa United njengeTechnical Director, ngaphambi kokuyoqeqesha iBay ngesizini edlule.