EzakamuvaIbhola

UMboro uwulahle phansi umjiva wokweseka iRichards Bay FC

SIHLE NGUBO

Akafuni ukucacisa ukuthi yini eyenze wathatha isinqumo sokuthi angabe esaba ‘yinkosi yabalandeli’ kwiRichards Bay FC, uMboro.

Impempe ihogele ngomthombo othembekile ukuthi uMboro, igama lakhe langempela okunguMandlenkosi Shandu, usewujibe kude umjiva wakhe wokweseka iNatal Rich Boyz. Kuvela ukuthi kukhona okumnqandayo nangeneme ngakho kodwa yena akafuni ukuphumela obala.

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalokho,” unqamulele washo kanje ngesikhathi ekhuluma nentatheli yeMpempe uShandu.

UMboro uyaziwa ukuthi uyena umlandeli wokuqina weBay njengoba ehlale ekhona emidlalweni yonke yeqembu. Ngesikhathi kudlala imidlalo yokuhlunga ubelokhu ehamba nalo iqembu yaze yasongwa.

Umthombo osondelene neBay ukuqinisekisile ukuthi uMboro usehoxile ekubeni yinkosi yabalandeli kodwa yena usalithanda kakhulu iqembu. Akucaci noma umazisile yini usihlalo weqembu uJomo Biyela nokuthi ubani osezoba umlandeli ohamba phambili weqembu.

Indlela okwenzeka ngayo kuyacaca ukuthi kukhona okungahambi ngendlela ngaphakathi eqenjini. Njengoba kuzoqala isizini entsha akwaziwa ukuthi ubani ozogqoka umjiva ahole abalandeli beRichards Bay.