EzakamuvaIbhola

Usebuyele ejimini oweChiefs obelimele

SIHLE NGUBO

Usebuyile ekuziqeqesheni neqembu umdlali weKaizer Chiefs obelimele, uTebogo Potsane.

UPotsane ubethinteke inyonga nokuphoqe ukuthi abe sohlini lwabadlali abalimele eNaturena. Nokho lo mdlali ubonakele ejimini okokuqala emuva kwesikhathi eside.

Ngesizini edlule lo mdlali, osayine esuka kwiRoyal AM, akazange abonakale emidlalweni eminingi ngenxa yakho ukulimala. Uzobonwa umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi okokuqala njengoba ebengekho eTurkey ngesikhathi iqembu lilungiselela isizini entsha.

Umdlali weChiefs osekude ukubuya ekulimaleni uMduduzi Mdantsane obe sengozini yemoto wephuka umhlathi. Lo mdlali ngeke alithinte ibhola izinyanga ezintathu kusukela ngaleso sikhathi.

Abanye abadlali beChiefs abalimele uDillan Solomons olimele ihlombe kanti kwakuthiwe uzohlala amasonto ayisishiyagalolunye engekho, ngenyanga edlule. Nokho kuvela ukuthi useyalunguza ejimini. UGeorge Matlou ulimele edolweni, kulindeleke abuye ngo-Okthoba.

UBongani Sam, osanda kusayina esuka kwi-Orlando Pirates, no-Edmilson Dove abanye abadlali beChiefs abalimele. Laba badlali babuyele eNingizimu Afrika, bangasaqhubeki nokuba neqembu njengoba belilungiselela isizini entsha eTurkey.

IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoSepthemba 14.