Ubani lo Duivenbooden osesikwatini seBafana?
SIHLE NGUBO
Ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ememezela iqembu lakhe elizodlala imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (Afcon), kuvele igama likaSimon van Duivenbooden.
Abaningi abazi ukuthi ubani yena lo mdlali nokuthi uhlangana kuphi neBafana Bafana. Lo mgadli udlala kwiVitesse yaseNetherlands kanti uneminyaka engu-22.
Ngo-2022 ubekhona esikwatini seqembu lesizwe seCosafa. UVan Duivenbooden uzalelwe eNetherlands kodwa unobuzwe bakuleli lizwe nobaseNingizimu Afrika.
Uqale ukudlalela iVetesse ngo-2022 ngemuva kokusayina evela kwiPSV. Udlale okokuqala ngesikhathi ishaywa yi-AZ ngo 3-1 e-Eredivisie.
Ukhulele ezinkulisa zeLegmeervogels yiPSV Eindhoven ne-Alphense Boys Vitesse. UBroos usazolicwecwa iqembu alimemezele (ilinabadlali abangu-38) nokuzocaca lapho ukuthi lo mgadli uzoba khona yini kwabangu-23.
IBafana izobhekana ne-Uganda kowokuhlungela i-Afcon ngoSepthemba 6, bese iphinde idlale neSouth Sudan ngoSepthemba 10.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams; Ricardo Goss; Veli Mothwa; Sipho Chaine
Izitobha: Nyiko Mobbie; Thabiso Monyane; Thapelo Morena; Rushwin Dortley; Nkosinathi Sibisi; Given Msimango; Khuliso Mudau; Terrence Mashego; Fawaaz Basadien; Siyabonga Ngezana; Grant Kekana
Abasesiswini: Relebohile Mofokeng; Athenkosi Mcaba; Teboho Mokoena; Grant Margeman; Jayden Adams; Bathusi Aubaas; Sphephelo Sithole; Thalente Mbatha; Luke le Roux; Mihlali Mayambela; Devin Titus
Amafolosi: Themba Zwane; Oswin Appollis; Patrick Maswanganyi; Simon van Duivenbooden; Elias Mokwana; Thapelo Maseko; Lyle Foster; Evidence Makgopa; Percy Tau