EzakamuvaiDStv Premiership

UMmodi ujabulele ukuqeda indlala yamagoli enqobisa iChiefs

UPule Mmodi uphinde wakukhombisa ukuthi iKaizer Chiefs ayithenganga igungcu ngesikhathi imlanda kwiGolden Arrows eyisiza ishaya iPolokwane City.

UMmodi ushaye igoli iChiefs enqobe ngalo ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Nomqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson mncomile lo mdlali, ethi usebenze ngokuzikhandla ukusiza Amakhosi abuye namaphuzu aphelele.

“Ngibonga uMdali kuqala. Ngijabule ngendlela engidlale ngayo namuhla. Bese kuyisikhathi eside ngagcina ukushaya igoli, ngakho ngijabule kakhulu.

“Siqale ngonyawo lonwabu kulo mdlalo, umqeqeshi usitshekile ukuthi asinyuse amasokisi, sikwenzile lokho. 

“Ngijabule ngoba kuyakhombisa ukuthi kukhona umehluko okhona eqenjini,” kusho uMmodi ngemuva komdlalo. 

Esiwombeni sokuqala iChiefs beyithwele uthayela emoyeni njengoba iPolokwane beyingayinike thuba.

Leli qembu belikhombisa ukuthi lisekhaya futhi ukube belinenhlanhla bekoyiwa ekhefini selihamba phambili. 

Umgadli walo, uDouglas Mapfumo uke wazama ukuhlaba adle ephambi kwepali leChiefs, kodwa uBruce Bvuma wanqaba kwaze kwaba kabili. 

Esiwombeni sesibili ibuye seythambile, sekuyiChiefs ehlasela kangconywana futhi beyihlasela kucace ukuthi iyalifuna igoli. 

Futhi lisheshe laqhamuka njengoba uMmodi ededele intambo engaphandle kwebhokizi, lamudla uManuel Sapunga obesezintini. 

Bese kungokwesibili ke kulandelana iChiefs inqoba njengoba emdlalweni odlule ishaye iMoroka Swallows ngawo u 1-0. 

Inyukele endaweni yesihlanu njengoba seyinamaphuzu angu-20 ngemuva kwemidlalo engu-14, kodwa kungenzeka ingalali kule ndawo. 

Lokhu kuncike emphumeleni wemidlalo emibili engawo uMgqibelo, oweChippa United neGolden Arrows nowe-Orlando Pirates neTS Galaxy ozodlala ngawo uMgqibelo kusihlwa.

Uma i-Arrows inqoba, izoyidlula iChiefs, okufanayo noma kuwine iPirates. Kodwa okuhle wukuthi uyabonakala umehluko ofike noCavin Johnson kwiChiefs.