Usuthu ‘luchizele’ iPrince Mangosuthu Legacy Cup
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC aseveze ukuthi ngeke akwazi ukuba yingxenye yePrince Mangosuthu Legacy Cup ka-2024.
Lo mqhudelwano wethulwe ngokusemthethweni eThekwini ngoLwesibili. AmaZulu abemenyiwe kulo mqhudelwano wamaqembu amane, okubalwa kuwona iRoyal AM, iRichards Bay FC neNsingizi Hotspur yase-Eswatini.
Nokho Usuthu luthe ngeke lulubhade kule midlalo esePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi ngoSepthemba 7. Bazibekile nokho izizathu zabo aboSuthu esitatimendeni abasithumele abezindaba.
“Iqembu liyayeseka iPrince Mangosuthu Legacy Cup. Ngebhadi ngenxa yomdlalo wethu ozokuba ngoSepthemba 14 ekuhambeni ePolokwane, nokungabi sesimeni esihle kwenkundla (iqembu libe nabadlali abaningi abalimala sigcina ukudlala laphaya) Olundi, iqembu selicele ukuhoxa,” kusho isitatimende soSuthu.
“Besikulungele ukudlala ukube inkundla bekuyiPrincess Magogo Stadium noma iKing Zwelithini Stadium. Yilezo izizathu ezenze ukuthi iqembu lithathe isinqumo sokungabi yingxenye yomqhudelwano nonyaka. Sizobuyela ngonyaka ozayo.”
Emdlalweni wokuqala kuyotholana iRoyal AM neRichards Bay FC, ngo-9 ekuseni. Ngo-11.30 kuyoba yiNsingizi Hotspur neqembu elizomenyezelwa. Ngo-1.30 kuyobe sekudlala iKZN Legends neKaizer Chiefs Legends.
Owamanqamu uyoba ngo-3.30 ntambama. Amathikithi ale midlalo abiza u-R40 kanti aseyatholakala eSpar.