EzakamuvaIbhola

IStellies isayinise ochithwe yiDowns, yathola obegaqelwe yiChiefs

SIHLE NGUBO

IStellenbosch FC seyisayinise umdlali wasemuva obegijima kwiMamelodi Sundowns, uBrian Onyango.

Lo mdlali ungomunye walabo ezingavuselelwanga izinkontileka zabo ekupheleni kwesizini edlule kuBafana Ba’Style. ISundowns ibe seyibadedela kanti phakathi kwabo kukhona uGaston Sirino, osayine kwiKaizer Chiefs, noBongani Zungu, ongakalitholi iqembu okwamanje.

UZungu uke wamataniswa neWydad Athletic Club eqeqeshwa uRulani Mokwena, osuka kuyona iSundowns. Nokho kuthiwa kukhona abangavumelananga ngakho nokuvimbe ukuthi lo mdlali wasesiswini asayine eqenjini laseMorocco.

U-Onyango, oneminyaka engu-30, unamava amakhulu njengoba esedlale imidlalo engaphezulu kuka-200 namaqembu ehlukene eNingizimu Afrika. Lo mdlali waseKenya useke wayibamba kwiSantos, iMaritzburg United neSundowns. 

“UBrian umdlali osebe nempumelelo ekudlaleni kwakhe ibhola futhi sikubhekile ukwengeza amava akhe nomuzwa wokunqoba esikwatini sethu,” kusho isikhulu esiphezulu seStellenbosch, uRob Benadie.

“Ulethelwe ukuthi azoqinisa udonga lwethu futhi asithandabuzi ukuthi uzokwenza kahle kakhulu emidlalweni yeligi neyase-Afrika.”

IStellies iphinde yamemezela ukuthi isayinise u-Ashley Cupido obegijima komakhelwane iCape Town Spurs, edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Ngokwesivimelwano iStellies ithathe lo mgadli yase inika i-Urban Warriors uMervin Boji.

“Siyajabula ukwamukela lo mdlali (uCupido) onekhono oneminyaka engu-23 eqenjini lethu,” kusho uBenadie.

“Umngumdlali ozongena khaxa esitayeleni sethu futhi esikholwa ukuthi angaba khona kwabazobe bebanga umklomelo womgadli onamagoli amaningi ekupheleni kwesizini.”

UCupido ubefunwa uthuli yiKaizer Chiefs kodwa iSpurs yayichitha. Akungabazeki ukuthi iStellies ihlabene njengoba isanda kuhlukana no-Iqraam Rayners osejoyine iSundowns.