UPitso akamboni eya phesheya uTeboho Mokoena weDowns
Umqeqeshi uPitso Mokoena ubona umdlali weMamelodi Sundowns, uTeboho Mokoena, enze elikhulu iphutha ngokusayina inkontileka ende naleli qembu.
Lo mdlali bekubhekiwe ukuthi angaya ukuyodlala e-Europe njengoba bekuvela ukuthi kukhona amaqembu amfunayo. Nokho usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emihlanu yonke ehleli eChloorkop.
Lokhu kwenza kubukeke kunzima ukuthi angase aye e-Europe manje, kanti neminyaka iyahamba. Kodwa uma egcina elitholile iqembu mhlawumbe ngoJanuwari, iSundowns iyokwenza enhle imali ngaye.
UMokoena, owayeweqesha lo mdlali kwiHarmony Academy, akaboni lo mdlali ezolifeza iphupho lokuyodlala phesheya kwezilwandle ngelinye ilanga, ngemuva kokuzibophezela ngenkontileka ende kwiSundowns.
“Yini esingayisho? Kumayelana nemali. Kumayelana nekusasa,” kusho uMokoena kwiFARPost.
“Bengilindele ukuthi lo mfana uzoyishiya iSundowns kodwa hhayi ngokuthi bahlukane kabi. Lokhu bekuzosiza neqembu lethu lesizwe. Ube esenquma ukuhlala kwiSundowns ngemuva kokunikwa inkontileka entsha.
“Ngikhathazekile manje ngokuthi uyoze ahambe nini uma ubuka iminyaka yakhe. Uneminyaka elinganiselwa ku-27 kanti sebemnike inkontileka yeminyaka emihlanu ezophela eseneminyaka engu-32.
“Angimboni eya phesheya manje ngaphandle uma kuneqembu elifuna ukumthenga kule nkontileka yakhe. Lokhu ngicabanga ukuthi ngeke kwenzeke.”