I-Pirates imincile ngabamqoka abalimele ngaphambi koweMTN8
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ibambe umoya ngabadlali bayo ababili ababalulekile ngaphambi komdlalo wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
EZimnyama zizotholana phezulu neStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu okulindeleke ukuthi ushube eThekwini.
Nokho inkinga ebhekene naleli qembu laseSoweto ukuthinteka kukaMonnapule Saleng no-Olisah Ndah, ogqoka ibhande likakaputeni selokhu kuqale isizini.
Bobabili laba badlali babalulekile kwiPirates. Kushone elangoLwesihlanu uSaleng esetotoba eziqeqesha neqembu.
I-Pirates ibheke ukunqoba iMTN8 okwesithathu kulandelana. Ngesizini edlule iqukule le ndebe ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
Ngasohlangothini lweStellies izozama ukunqoba indebe okwesibili amasizini elandelana. Leli qembu laseKapa yilona elikhale lemuka neCarling Knockout Cup ngesizini edlule, kulandela ukushaya iTS Galaxy kowamanqamu khona eMoses Mabhida Stadium.
Amathikithi alo mdlalo adayisa aphela emahoreni amabili ngesikhathi ekhululwa ukuthi athengwe abalandeli emasontweni edlule.
Lokhu kuchaza ukuthi inkundla izobe igcwele phama ngoMgqibelo ntambama nokuzokwenza umdlalo ube mnandi.