Izobhodlela kwiRoyal AM iPirates exhashazwe yiStellies
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates seyikudlulisile okwenzeke kuyo ngempelasonto futhi seyihlela ukubhodlela kwiRoyal AM.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zihlangane nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili emdlalweni wazo wokuqala weDStv Premiership ngempelasonto.
Leli qembu likaJose Riveiro, okubhekwe lukhulu kulo kule sizini, lishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 kungazelele muntu.
Lokhu kubajabhisile abalandeli ababheke ukuthi iPirates kubo yiyo ehubha iMamelodi Sundowns ngenhloso yokuyiphuca isicoco seligi esisenze esayo.
Yize lesi kungabanga yisiqalo esihle kwiPirates, iphini lomqeqeshi uSerigio Elmanara uthi sebekudlulisile okwenzekile.
Le nsizwa yaseSpain ithi uma uphuma emdlalweni ofana nalo wabo, kumele abaqeqeshi baqaphele izinto eziningi.
“Sisebenzile yize sibe nesikhathi esincane. Kumele sibe sesimweni esifanele ngokomqondo.
“Kumele siqinisekise ukuthi abadlali sebedlulile kokwenzeke emdlalweni odlule,” kusho u-Elmenara.
KwiRoyal AM, lo mqeqeshi uthi balindele ibacindezele ngokudlala ibhola elisheshayo uma iya phambili.
“Siwubukile umdlalo wabo la bebebhekene khona naMaZulu, sibonile ukuthi bayiqembu elisheshayo.
“Silindele ukuthi basithwalise kanzima kodwa sizozama ukuthi sibacindezele ngendlela yethu.
“Sifuna ukudlala ibhola lethu, ngendlela yethu singacabangi kakhulu ngokuthi bona beza nani.
“Siyazama ukunika abadlali ulwazi abaludingayo ngokuqaphela indlela esiludlulisa ngayo.”
Lo mdlalo wabo neRoyal AM kuzoba ngowokuqala kule sizini besekhaya e-Orlando Stadium, phambi kwabalandeli basekhaya.
FUNDA NALA: Okwenza uWilliams ashiye iBucs incela izithupha eqoka iDowns
Ngemuva kwawo, izobuya kule nkundla ngempelasonto seyizodlala iMTN8 neSekhukhune United.