EzakamuvaIngosi

ISafa ithumela amahlathi onompempe ukuyodlalisa kwiPremiership

SIHLE NGUBO 

ISouth African Football Association (Safa) iyona okumele ikhonjwe ngomunwe ngobuhlathi obukhonjiswa onompempe bayo emidlalweni yeBetway Premiership.

Lobu buhlathi sebunesikhathi benzeka futhi sekuyacaca ukuthi inhlangano eyengamele ibhola kuleli ayiwuhloniphi nhlobo unobhutshuzwayo, ngokuthumela ama-amesha onompempe ukuthi aphathe imidlalo yeligi ebalwa naphezulu emhlabeni.

Okubuhlungu kakhulu ukuthi iSafa yakhona ivele ibamise isikhashana onompempe bayo uma benze amaphutha ashiya kubatshazwa, bese ibabuyise futhi bazobhacaza kwiPremiership.

Kusadlalwe imidlalo emithathu kuphela (emine kwamanye amaqembu) yeligi entsha kodwa ukushaya udaka konompempe sekuvele kuyakhulumisa. Le nto iyalibulala ibhola, iqhathe abalandeli iphinde yenzele phansi umsebenzi onzima wabaqeqeshi bamaqembu.

Ngabuka umdlalo phakathi kwe-Orlando Pirates neChippa United ngasala ngikhexile ngezinqumo zabaphathi bomdlalo ngalolo suku. Angazi kwaze kwaba kangakhi bethi uDeon Hotto uyi-offside ekubeni wayengasondele nakancane ekutheni kwakungathiwa uphambili kunabanye abadlali.

Eyephenathi eyanikwa iPirates yavele yangiqeda amandla, ngabona ukuthi sisazoba nenkinga amasizini amaningi. Ngaphandle kokuthi umdlali weChippa wathinta ibhola, lokhu akubiza ngephenathi unompempe kwenzeka ngaphandle kwebhokisi.

Emdlalweni phakathi kwaMaZulu FC neKaizer Chiefs nakhona ngasala ngishaqekile. U-Inacio Miguel kwakumele aphume ngekhadi elibomvu ngokuphusha kabuhlungu u-Ethan Brooks, ngaphambi kokuthi kushaywe ikhona.

Nokho unompempe wamtotosa ngekhadi eliphuzi lo mdlali. Kwathi uma sekushaywa ikhona kwagcina kunguyena owangqofela phakathi igoli lesithathu leChiefs, alimala kanjalo AmaZulu.

Angifuni nokugxila kakhulu kokwenzeke emdlalweni obuphakathi kweChiefs neMamelodi Sundowns ngoba maningi amaphutha abonakele enziwa onompempe.

Kuyihlazo ukuthi ebholeni lethu sekukhulunywa ngokuthi ‘kulokhu kuzuze thina nani kade nanizuza.’ Sifike kanjani lapho? Impendulo ithi sifike ngenxa yokungalihloniphi ibhola lethu kweSafa.

Awukwazi ukuthumela noma ubani nje uthi akayophekela izicukuthwane ezibalulekile emcimbini omkhulu. Ukhetha abapheki abasezingeni eliphezulu ukuze kungabi khona ukuhlazeka.

Nokho iSafa ayiyiboni inkinga ngokuthi ithathe onompempe bayo abasezingeni eliphansi kakhulu iyobadlalisa imidlalo yeligi ephezulu, lapho abaxhasi befaka khona izigidi.

Silapha sikhona nje kungenxa yokuthi iSafa ayiyilungisi inkinga yonompempe bayo okungabafanele nakancane ukudlalisa kwiPremiership. Shwiii!