EzakamuvaIbhola

Kuvuke idimoni elidala, wafika ejimini ebukhile oweSwallows

Kuvela ukuthi uphoxe ozakwabo nomqeqeshi uSteve Komphela umdlali weMoroka Swallows ofike ejimini ebonakala sengathi weqiwe amanzi amamponjwana.

Ngaphezu kwalokho, kuthiwa ubehamba nentombi kubonakala ukuthi kwakulala kube yisikhashana uma kwenzekile. 

Kuthiwa uKomphela uphoxeke kakhulu kwazise wayemhlalele phansi wameluleka mngesikhathi emsayina. 

Nokho kubukeka lezo ziyalo zingene ngapha, zaphuma ngale kuDumisani Zuma njengoba esaqhubeka nokuphila ngendlela emxoshiwe emaqenjini abekuwo phambilini. 

Impempe izwe ngomunye wabasondelene naleli qembu ukuthi lesi sehlakalo senzeke ngoMsombuluko ekuseni. 

UZuma waxoshwa kwiKaizer Chiefs ngakho ukuhluleka ukuziphathisa okomdlali wasezingeni elikhokhelayo. 

Ngesikhathi ekulezi zinkunzi zaseSoweto, wake wabanjwa amaphoyisa eshayela ephuzile futhi sekudlule isikhathi sokuba semgwaqeni njengoba kwakuyisikhathi seCovid. 

Wabe esethathwa AmaZulu, nawo ethi amnika ithuba kodwa nakhona wafike waqhubeka nokudlebeleka. 

Usuthu lumkhombe indlela ekupheleni kwesizini edlule njengoba ebe eseqoqwa uKomphela, owakubeka kwacaca ukuthi uzokwazi ukubamela. 

Lokhui wayekusho ngoba esayine abadlali abathathu abaziwa ngokungaziphathi kahle. 

Ngaphezu kukaZuma, wasayina no-Andile Jali noGabadinho Mhango futhi kuke kwangathi beza kahle njengoba bebedlala kahle. 

Kodwa ke nakhu idimoni elidala selivukile kuZuma. Kuthiwa nale ntombi afike nayo ingumama wengane yozakwabo. 

Kuthiwa inezingane no-Andile Jali noLantshane Phalane ngokwehlukana njengoba manje seyijola noZuma nje.