EzakamuvaIBafana Bafana

UHugo Broos wenaba ngokulimala kukaZwane bebhekene neCongo

SIHLE NGUBO 

UHugo Broos, oqeqesha iBafana Bafana, uthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokulimala kukaThemba “Mshishi” Zwane ngesikhathi bebambana neCongo Brazzaville ngo 1-1 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), eStade Alphonse Massamba Stadium ngoLwesibili.

IBafana iziphuthisele ngethuba lokuzibekisela indawo kwi-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo kulo mdlalo eke yahamba phambili kuwona ngo 1-0.

Ziye ekhefini sekulimele uZwane okungene endaweni yakhe uPatrick Maswanganyi, kanti nasebhodini bese kushintshile sekungu 1-1.

“UZwane ungumdlali obaluleke kakhulu kithina. Akubanga yinto enhle kithina ukuthi uThemba kudingeke aphume (ngesiwombe sokuqala) ngenxa yokulimala,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

“Ulimele kakhulu, udonseke umsipha. Ngebhadi cisho ngeke adlale kuze kuphele izinyanga.

“Uma ulahlekelwa umdlali onjalo kuba nzima kakhulu ukubambelela emdlalweni uma uhlaselwa. UThemba umdlali okwazi ukubamba ibhola nokushaya iphasi yokugcina.

“Ubengasekho, mhlawumbe esinye sezizathu esenze ukuthi singadlali kahle namuhla.”

UBroos uvumile ukuthi umdlalo wangoLwesibili ubuhluke kakhulu kunowangoLwesihlanu lapho beshaye khona iCongo ngo 5-0, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

“ICongo isimangazile kulo mdlalo. Besingakwazi nokwakha kahle amathuba okushaya amagoli, siyajabula ukuthi sidlale ngokulingana,” kubeka uBroos.

IBafana iye kulo mdlalo seyazi ukuthi uma inqoba izobe seyilitholile ithikithi lokuya eMorocco. Lokhu bekulandela ukuthi i-Uganda ishaye iSouth Sudan ngo 2-1 ngalo Olwesibili.

“Angizange ngiqale ngikhulume ngomphumela we-Uganda kubadlali bami. Bekumele sibeke imiqondo emdlalweni wethu.

“Besazi ukuthi uma siwina lapha kuzosho ukuthi siyaya eMorocco. Ngebhadi akwenzekanga lokho nokuyinto ethande ukusimoshela izinto.”

IBafana isalelwe yimidlalo emibili yokuhlunga ezoyidlala ne-Uganda ekuhambeni bese ibhekane neSouth Sudan ekhaya. Idinga ukunqoba owodwa kuphela kule midlalo emibili yokuhlunga ukuze izibekisele indawo eMorocco.