Umlazi Young Lions sewuzodlala kwi-ABC Motsepe League
PHILI HLONGWANE
Ngemuva kokwehluleka kathathu emidlalweni yokuhlunga yeHollywoodbets Men’s Regional League, iminyaka ilandelana, Umlazi Young Lions FC ubone kungcono ukuthi uthenge isitifiketi sokudlala kwiKZN ABC Motsepe League, soMkhumbane Classic.
Leli qembu linqobe iligi ngesizini ka-2021/2022, 2022/2023 nangeka-2023/2024 kodwa belilokhu lehluleka kweyokuhlunga. UMkhumbane Classic kuvele ukuthi uyadayisa ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.
UMkhumbane Classic bese udayiselwe elinye iqembu kodwa belingakashintshi igama. Leli qembu bese lidlale imidlalo emibili yokuqala yesizini.
Kowokuqala badlala ne-Asande FC lapho bawina khona ngo 5-0. Kowesibili babhekane noLundi United bahlulwa ngo 2-1.
Umlazi Young Lions FC uzosebenzisa igama uMkhumbane Classic njengoba iligi seyiqalile. Nokho ngeke bathathe noyedwa umdlali kulaba abebedlalela uMkhumbane Classic.
Usihlalo weqembu kusazoba uLinda Dladla, kanti uVernon Noziyiya uzoqhubeka abe ngumqeqeshi, bese ukaputeni kube uPule Khwela, ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiqembu.
Emdlalweni wokuqala bazobhekana neNjampela, eSJ Smith Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.