EkaNabi weChiefs ifana nomzali ogxeka uthisha ngengane yakhe eyisidomu
SIHLE NGUBO
Umfundisi (uthisha) owuthandayo umsebenzi wakhe, uhlale efuna izingane zakhe zishaye into ecokeme ziphinde ziphumelele ngamalengiso uma sekuyisikhathi sezivivinyo.
Ngebhadi nje izingane aziphiwe imiqondo efanayo ngakho azibambi ngokushesha ngendlela efanayo, futhi uma sekufika isikhathi sezivivinyo ngeke zenze ngendlela efanayo.
Umfundisi uyaye ayibone ingane engasheshi ukubamba njengezinye, azame ukuyicathulisa ngendlela ehlukile kunabanye uma efundisa.
Uma ekwenza lokhu umuntu oma phambili kwezingane azifundise, awukwazi ukugxeka yena ngokuthi ingane yakho ayiphumeleli ezivivinyweni – iyisidomu.
Lesi yisimo engicabanga ukuthi sibhekene ngqo nomqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, eNaturena.
IChiefs akuyihambeli kahle kule sizini futhi ingase izithole ingangeni kwiTop 8 njengoba kwenzekile nangesizini edlule.
Bakhona asebethi uNabi kumele axoshwe ngoba akayazi into ayenzayo futhi iChiefs iyamehlula.
Emdlalweni wangoMgqibelo iChiefs ibhekene neTS Galaxy, ngizwe ngimdabukela uNabi ngibona yenza lokhu okujwayelekile – ukugeja amagoli.
Uma umdlali onamava njengoGaston Sirino egeja uqekelele wegoli onjeya, kumele enzenjani ngempela uNabi? UGlody Lilepo bekumele athinte ibhola lingene phakathi kodwa waligeja. UNabi okumele angene enkundleni ayolibeka enethini?
Le nto yokugeja amagoli, yize yakha inqwaba yamathuba, beyenzeka nje isizini yonke kwiChiefs.
Yebo akhona amaphutha athile enziwa uNabi, njengokuthatha isikhathi eside ukushintsha noma ebona ukuthi iqembu lakhe liyacindezwa emdlalweni, libe lihamba phambili.
Nakuwona lo mdlalo abagcine bebambana neRockets ngo 1-1, ngicabanga ukuthi uthathe isikhathi eside kakhulu ukwenza ushintsho, kwagcina kungene igoli bangabe besakwazi ukubuya bashaye elokunqoba.
Kodwa kukho konke lokhu iChiefs bekumele ngabe ibihamba ngo 3-0 kulo mdlalo, uma ubheka amathuba ewatholile okushaya amagoli.
Ukuxosha uNabi angiboni kuyisisombululo kwiChiefs kodwa kungayibuyisela emuva kakhulu kunalokhu eyikona.
UNabi kumele ahlale kwiChiefs athengelwe abanye abadlali, bese kubonakale ukuthi ngesizini ezayo kukhona yini umehluko ozoba khona.
Okwenza iChiefs ukuthi ibe kulesi simo ekusona njengamanje ukuthi akekho umqeqeshi osahlale okungasenani amasizini amabili eqenjini kule minyaka eyishiyagalolunye eyedlule.
Alakhiwa kanjalo iqembu. Awulokhu upheka uthulula abaqeqeshi bese ulindele ukuthi iqembu lizodlala ibhola elihlangene nelikunqobela imidlalo.
Bekungakuhle ukuthi uNabi athole iphini laseNingizimu Afrika ukuze limnike olunye ulwazi ngebhola lakuleli kanjalo nabadlali.
Nokho ngeke aphoqwe ukuthi enze lokho ngoba usebenzisa indlela yakhe yokuqeqesha yokuthi uhlale ehamba nethimba lakhe asebenzisana ngokuzwana nalo.
OkukaNabi ngikufanisa nesimo sikathisha ozama ngayo yonke indlela ukufundisa ingane engabambi ngokushesha. Akumele umzali agxeke uthisha uma ingane yakhe iyisidomu. Shwiii!

