EzakamuvaIbhola

UMaMkhize weRoyal AM uzama ukuthenga iPirates 

SIHLE NGUBO 

Ezivela Eswatini zithi uShauwn “MaMkhize” Mkhize uzama ukuthenga iMoneni Pirates yaseSwatini okuyiqembu elaziwayo elizinze edolobheni iManzini.

UMaMkhize ubonakele ehamba nendodana yakhe u-Andile Mpisane ngesikhathi iPirates ibhekene neRoyal Leyal Leopards emdlalweni wamanqami we-Ingonyama Cup eSomhlolo National Stadium, ngeSonto.

Ngokomthombo weMpempe uMaMkhize uxhumene futhi unobungani noThulani Xaba okunguyena ongusihlalo wePirates.

“Ubekhona la njengoba ubona izithombe mnewethu. Ngizwa nami sengathi ufuna ukucasha ngoThulani (Xaba) ekuthengeni iPirates,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi uke wakhuluma neSwaziland News lapho eqhube lokho ajwayeleke ngakho, ukukhuluma ngokuzigqaja.

“Bengingeke ngibe lapha ukube akukho okuthile engikufunayo,” ucashunwe yiSwaziland News esho kanje.

IThwihli Thwahla iyinto efana nengasekho kwiPremier Soccer League (PSL) njengoba seyinqume ukuyixosha kwilogi kuleli sonto.

IRoyal AM ikweleta iSARS u-R40 million okuyinto eyenze ukuthi ingakwazi ukudlala imidlalo yeligi eyagcina ukuyidlala ngoDisemba.

I-SARS izamile ukuyidayisa iRoyal AM kodwa kwagcina kungenzekanga. Ukuyozama inhlanhla ngaphandle kukaMaMkhize nakho kungamfakela enye inkinga ngoba amacala akhe noSARS asamlindile.

NgoLwesine isigungu sekomiti eliphezulu sePSL kulindeleke ukuthi sihlangane namaqembu ale nhlangano ukuthatha isinqumo sokugcina ngeRoyal AM.