IBetway Premiership

IChiefs isengozini yokuphinde ingangeni kwiTop 8 

SIHLE NGUBO 

Iphinde yahluleka ukuthola amaphuzu amathathu iKaizer Chiefs ngesikhathi ibambana neTS Galaxy ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Amakhosi abeye kulo mdlalo kuvele kungawahambeli kahle emidlalweni yeBetway Premiership njengoba abesendaweni yesishiyagalolunye.

Ngempelasonto edlule iChiefs ishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium. Abalandeli bayo bebenethemba lokuthi izovuka izithathe seyibhekene neRockets.

Njengasemihleni iChiefs iqale kuyiyona ebihlasela kakhulu kulo mdlalo. Igeje amathuba amahle amathathu, kanti obekubukeka sengathi liyiqabulile inethi lehlele uGlody Lilepo.Ligcine lingenile igoli ngomzuzu ka-36 ngemuva kokuthi iRockets yenze iphutha emuva. Lizithele kuGaston Sirino, wadonsa intambo, walivimba unozinti, wase eliqedela uWandile Duba.

Lo mdlali, othintekile onyaweni ngesikhathi eshaya leli goli, ubeseshaya igoli lakhe lesihlanu kule sizini.

Ziye ekhefini kungu 1-0 kodwa yiTS Galaxy ebese ihlasela kakhulu emizuzwini yokugcina yesiwombe sokuqala.

Zibuye ekhefini isahlasela kanjalo iRockets futhi icisho yaliqulela phakathi ngomzuzu ka-46. Kuthe ngoka-49 uSirino wageja imbuzi eyedwa.

IChiefs ibisidlala ibhola elingayi phambili ngesiwombe, nokwenze iTS Galaxy yayihlasela iphindelela.

Yize kunjalo kodwa umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi ubengayingeni eyokwenza ushintsho.

Kuphoqekile ukuthi kukhishwe u-Inacio Miguel obeselimele, kwangena u-Edmilson Dove. Lo mdlali waseMozambique uthe ethinta ibhola wenza iphutha elenze uMlungisi Mbunjana washaya igoli ngomzuzu ka-80.

Kuvele kwacaca ukuthi ukuwina yinto esekude neChiefs njengoba isikhathi bese sihambile kulo mdlalo.

Kube yilapho uNabi efake uGeorge Matlou, uMduduzi Vilakazi noTashreeq Morris kodwa kwasho ukuthi ingcanga seyisimimilite yasiqeda isikhathi.

IChiefs isengozini yokuphinde ingangeni kwiTop 8 uma iqhubeka nokudlala ngendlela edlala ngayo. Seyidlale imidlalo engu-24 kanti uma iqinisekisa eyokuxoshwa kweRoyal AM, kusho ukuthi mihlanu kuphela imidlalo eyisalele.

Kuleyo midlalo izobhekana neChippa United, yiSekhukhune United, yiMarumo Gallants, yiPolokwane City ne-Orlando Pirates.