CAF Champions League

OweDowns ayimsabisi nakancane eyokudlala ne-Al Ahly eCairo 

SIHLE NGUBO 

Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uDivine Lunga, uthi akuyona into ebafaka amanzi emadolweni ukuthi bazobhekana ne-Al Ahly, yase-Egypt, eCairo International Stadium, emumatha abalandeli abangu-70 000.

La maqembu azogadulisana kule nkundla emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu weCAF Champions League, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

Kuyiwa kulo mdlalo nje zibambene njengoba umdlalo womlenze wokuqala eLoftus Stadium, ePitoli, uphele kungu 0-0 ngoMgqibelo odlule.

Kulo mdlalo Abafana Ba’Style bahluleke bancama ukukhahlela ibhola liqonde epalini, nokuyinto okumele imkhathaze umqeqeshi uMiguel Cardoso, njengoba bedlala ekuhambeni kulokhu.

Uma iSundowns ingashaya igoli kuqala kulo mdlalo izozibeke ethubeni elihle kakhulu lokudlulela kowamanqamu. Umdlalo noma ungaphela ngo 1-1 iyona ezodlulela phambili ngokushaya igoli ekuhambeni.

ULunga wazi kahle ukuthi kumele basebenze kanzima ukuze bathole umphumela omuhle eCairo.

“Ngeke kube umdlalo olula njengoba kwakunjalo (kunzima) nasePitoli,” kusho uLunga.

“Sizofaka wonke umfutho ukunqoba umdlalo. Asifuni ukuya kumaphenathi ngoba lokho kufana nokugembula.

“Sizodlalela ukuthi sithole igoli ukuze sinqobe umdlalo emizuzwini engu-90.”

Ukuze ithole igoli iSundowns kuzomele ilungise amaphutha ewenze eLoftus Stadium, lapho ihlulekile ukuvivinya unozinti we-Al Ahly ngendlela.

“Akuyona into enkulu nenzima kithina ukudlala enkundleni enkulu,” kuqhuba lo mdlali waseZimbabwe.

“Akuyona into entsha kithina, abanye abadlali badlalela amaqembu abo esizwe.

“Sihlale sidlala phambili kwezinkumbi zabantu ngakho lona umdlalo ofanayo neminye kithina.”

Kuyaziwa nokho ukuthi abalandeli bebhola base-Egypt benza amaqembu afika eCairo International Stadium, akuzwe ukuthi ahambile, awadlaleli ekhaya.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weChampions League, kuzotholana phezulu iPyramids SC, yakhona e-Egypt, ne-Orlando Pirates ngo-9 ebusuku.

Nawo lo mdlalo uphele ngo 0-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo odlule. Isimo seBucs sifana ncamashi neseDowns ngokumele kwenzeke e-Egypt ngoLwesihlanu.