Umqeqeshi weBucs uphawula ngeDowns neChampions League
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi obambile kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, uthi iMamelodi Sundowns izobuya nayo nakanjani indebe yeCAF Champions League eCairo ngeSonto.
Abafana Ba’Style babambane nePyramids SC yase-Egypt ngo 1-1 emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weChampions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.
ISundowns idedele igoli ngomzuzu ka-90+4 kulo mdlalo kade sekubukeka sengathi izonqoba umlenze wokuqala ngo 1-0.
Lokhu kwenze abanye babona sengathi ngeke ibuye nendebe eCairo ngoba iPyramids iyiqembu eliwashayayo amagoli uma idlalela ekhaya.
Abanye abalandeli beSundowns bakhala ngoMiguel Cardoso ukuthi ubeke ngaphandle umdlali onamava, uThemba Zwane, okwenze iPyramids yazicanasela nje ngoMgqibelo.
Nokho uNcikazi uzwakalise ukuwethemba kakhulu amava eSundowns ikakhulukazi uma idlala ekuhambeni.
“ISundowns isesimeni lapho imele khona izwe, ayimele nje iqembu,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo wezakhe naMaZulu ngoMgqibelo.
“Siyabeseka, iSundowns seyike yakwenza lokhu phambilini. Sekuke kwenzeka ukuthi bangatholi umphumela omuhle ekhaya kodwa baye ekuhambeni bafike banqobe.
“Ngicabanga ukuthi banamava enele ukuthi bangathola umphumela omuhle ekuhambeni.
“Uma kungaba ngu 2-2 kulo mdlalo izinto zizovuna bona. Ngicabanga ukuthi umphumela (wangoMgqibelo) uvuna bona kunePyramids.”
Abafana Ba’Style kuyomele babhukule kakhulu kunomlenze wokuqala lapho bengakhombisanga ukuhlangana njengenjwayelo.
Umdlali ofana noFiston Mayele uzophinde abe yingozi kakhulu kwiSundowns ngoba uyawahlohla amagoli uma bedlalela ekhaya.
Lo mdlali umataniswa nokujoyina iKaizer Chiefs futhi akaphikanga ngesikhathi ebuzwa lokho iqembu lakhe liseNingizimu Afrika.
Umdlalo womlenze wesibili weChampions League use-30 June Stadium, eCairo, ngeSonto ntambama.

