Ngabe iPirates ibathathe kancane ‘abafundi baJesu?’
SIHLE NGUBO
Amaqembu athathwa njengama-amesha asekukhombise kaningi ukuthi ayaphoxana emidlalweni yeCaf Champions League kumasizini edlule.
I-Orlando Pirates ingofakazi balokho njengoba ngesizini edlule ikhishwe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, esigabeni sokuhlunga amaqembu adlala kwiChampions League. Umdlalo waphela ngo 1-1 emilenzeni emibili kwathi kumaphenathi kwanqoba iJwaneng ngo 5-4.
NgeSonto eZimnyama ziphinde zadubula emoyeni kwaphela izinhlamvu, zibambana neDisciples FC yaseMadagascar ngo 0-0 kowokuhlunga weChampions League. Leli yiqembu obekulindelwe ukuthi iPirates ilibhudluze ngenqwaba yamagoli kodwa yehluleka yancama.
EMadagascar ayikho iligi njengaseNingizimu Afrika, futhi abadlali bakhona banemisebenzi yangempela abayenzayo ngaphandle kokudlala ibhola. Mhlawumbe iPirates ingazithethelela ngokuthi umdlalo bewudlalelwa enkundleni engenabo utshani bemvelo (artificial turf) okuyinto engayijwayele.
Nokho iDisciples kufanele ukuthi yeneme ngomphumela womdlalo, futhi ngokombiko womdlalo kuyavela ukuthi icisho yalithola igoli ngasekugcineni. Lokhu bekuzokwenza ukuthi ifike eNingizimu Afrika ihambela phezulu emlenzeni wesibili.
E-Orlando Stadium ngoLwesihlanu (emlenzeni wesibili) iPirates kulindeleke ukuthi ikhombise ‘abafundi baJesu’ ukuthi yona idlala kwiligi enkulu nehlonishwayo e-Afrika. Nokho akumele iyithathe kancane iDisciples ngoba kungaphinda okwenzeka ihlazwa yiJwaneng ngesizini edlule.