Ingwazi yeluleka uJali mayelana nokuyeka ibhola
SIHLE NGUBO
U-Andile “Mhlekazi” Jali obegijima kwiChippa United welulekwa yingwazi uHlompho Kekana ukuthi athi khumu manje ebholeni ngoba usekwenze konke.
Kuvela ukuthi uJali uzohlukana neChilli Boys njengoba seyiyiphethile isizini yayo yePremieship ka-2024/2025.
UJali, oke wagijima kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, uke wakusikaza ukuwagaxa emgibeni amakhokho akhe ngaphambi kokusayina kuleli qembu elizinze eGqeberha.
Lokhu bekulandela ukushiya kwakhe iMoroka Swallows ngaphansi kwezimo ezingezinhle nabanye abadlali.
Sekungumlando ukuthi kwaSwallows leyo ayisekho njengoba isitifiketi sayo sokudlala kwiPremiership sathengwa yiMarumo Gallants.
Lo mdlali, owazakhela igama egijima kwi-University of Pretoria, uke wayibamba kwiK.V. Oostende yaseBelgium phakathi kuka-2014 no-2018.
Ngesikhathi ebuyela eNingizimu Afrika kwakubhekwe ukuthi uzoya kwiPirates ayehambe eyidlalela kodwa waqoka ukuya kwiSundowns.
UKekana, owayedlalela iSundowns naye, uthe yisikhathi sokuthi uJali alishiye phansi ibhola manje.
“Uma ungumdlali ofana no-Andile Jali osethandwe yibhola esemncane, ngicabanga ukuthi uzoba nenkinga ukulokhu eshintsha amaqembu ngoba ubedlala ezingeni eliphezulu isikhathi eside,” kusho uKekana kwiSoccerzone okuwuhlelo lweSABC.
“Ngicabanga ukuthi mfowethu noma yikuphi lapho ukhona yenza isiqiniseko sokuthi udlalela kude nonobhutshwayo usawuthanda.
“Ngoba kuzoba buhlungu ukulokhu eshintsha amaqembu bese agcine ezonda ibhola ngenhla yezinto angazijwayele.”
Eminyakeni engu-35 anayo uJali usekwenze konke njengoba esedlalele neqembu lesizwe iBafana Bafana izikhawu ezingu-49.

