OweSekhukhune uveza imfihlo yokuvimba iphenathi bedlala neSuperSport
SIHLE NGUBO
Uveze imfihlo yakhe yokuvimba iphenathi unozinti weSekhukhune United, uBadra Sangare, ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane neSuperSport United ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, eNew Peter Mokaba Stadium, ngeSonto.
Lo nozinti udlale kahle kulo mdlalo evimba amabhola anzima, waze waqokwa njengomdlali ovelele.
“Ngiyajabula ngokuthola lo mklomelo. Uma iqembu lingenzi kahle lisuke lidinga unozinti ukuthi aligcine lisemdlalweni,” kusho uSangare ngemuva komdlalo.
“ISuperSport yiqembu elikhulu nokumele lihlonishwe eNingizimu Afrika. Ukuthi nje ngesinye isikhathi bathatha izinqumo okungezizo.”
Mayelana nokuvimba iphenathi, uthe: “Ngihlale ngilalela ozakwethu. Bahlale bengitshela ukuthi ngiye kwesokunxele.”
Umqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt, ubonge abadlali ngokulwa kulo mdlalo abacishe bashaywa kuwona.
“Sifanelwe okungcono kunalokhu uma ubuka umdlalo. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali bami,” kusho uHunt.
“Besilokhu sidlala kanje unyaka wonke inkinga kuba ukushaya amagoli. Angikaze ngibe kulesi simo eminyakeni engu-35 njengomqeqeshi.”
ISuperSport iyona ewuqale kahle umdlalo ikhombisa ukuthi ifuna amagoli ukuze ishintshe isimo sokuthi isashaye ayisithupha kuphela emidlalweni engu-16.
Nokho kucacile ukuthi yini ingayiboni inethi lapho ingakhona njengoba ingawasebenzisanga nhlobo amathuba ewatholile okushaya amagoli, ihambe phambili.
Kuqale uChristian Saile, obedlalela iKaizer Chiefs, wehluleka ukungqofela phakathi ibhola engamakiwe yimuntu. Ibhola aliyanga ngisho epalini, laphuma le kude.
Ngemuva kwalokho kube wuSamir Nurkovic, naye owayegijima kwiChiefs, oshumpuze ibhola esebhekene nonozinti uBadra Sangare. Uphinde wabuya uNurkovic kodwa kulokhu wavimba kahle uSangare ngezinyawo.
Omunye umdlali okhombise ukuphila kwiSuperSport, uLebohang Maboe obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuleli qembu lasePitoli. Naye ibhola lakhe livinjwe uSangare.
Ithuba elilodwa leSekhukhune liqhamuke ngaphambi kokuthi ziye ekhefini. Nokho uSipho Mbule, naye obolekiswe yiSundowns kwiBabina Noko, ulishaye laphuma eceleni.
URicardo Goss, obolekiswe yiSundowns kwiSuperSport, ubukeke ewumqemane futhi evimba kahle ngesiwombe sokuqala nangesesibili.
Kuthe kuqala isiwombe sesibili iSekhukhune yafaka uChikuike Ohuzu endaweni yomshayi magoli wayo ophambili, u-Andy Boyeli. Iphinde yafaka noThabang Monare owayedlalela i-Orlando Pirates.
Lolu shintsho lusheshe lwabonakala umsebenzi walo njengoba uRelebogile Mokhuoane eshaye igoli ngomzuzu ka-47, wasala enkemile uGoss.
Ngomzuzu ka-62 amaTsatsantsa a Pitori athole iphenathi ngemuva kokuthi uKatlego Mohhame evimbe ibhola ngesandla ebhokisini.
Kusukume uKamphani Lungu wayishaya kodwa wayivimba uSangare. Konke lokhu kugeja kweSuperSport bekumhlanyisa umqeqeshi uHunt ebhentshini.
Bese kubukeka sengathi seyihambe nawo amaphuzu amathathu iSekhukhune United ngesikhathi uNurkovic eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-90. Lo mdlali ubeqala ukushaya igoli selokhu ejoyine leli qembu lasePitoli.
Ngokudlala ngokulingana iSekhukhune igudluze iChiefs endaweni yesine kwilogi yePremieship. Womabili la maqembu anamaphuzu angu-25.