Owayefunwa uthuli yiChiefs udliwe yizembe wayositha kwi-ABC Motsepe
SIHLE NGUBO
U-Asanele Velebayi ngabe unomsebenzi anesiqiniseko sawo kwiKaizer Chiefs kodwa kunalokho iqembu lakhe iCape Town Spurs lidliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship, layositha kwi-ABC Motsepe League.
IChiefs ibimfuna uthuli lo mdlali oneminyaka engu-22 kodwa abaphathi be-Urban Warriors basho imali enkulu ngaye.
Kuvele ukuthi baqale bathi ubiza u-R12 million babuye behlela ku-R10 million, okuyinto eyaqinisekiswa yi-agent yakhe uLance Davids.
Amakhosi ayezimisele ngokukhipha u-R5 million ngoVelebayi, bese engeze ngabadlali abathile ukuthi basuke kuyona baye kwiSpurs.
Nokho amaqembu agcina engavumelananga, kwala ngisho udaba selungenelwe umama kaVelebayi owayefuna umfana wakhe aye kwiChiefs.
Ukudliwa yizembe kweSpurs kuchaza ukuthi imali okungathengwa ngayo abadlali bayo izokwehla kakhulu manje.
U-R5 million owawubekwe yiChiefs etafuleni alikho iqembu elizowukhiphela umdlali iqembu lakhe eliyodlala kwi-ABC Motsepe League ngesizini ezayo.
ISpurs idliwe yizembe ngemuva kokushaywa yiDurban City ngo 1-0 emidlalweni yokugcina yeMotsepe Foundation Championship ngempelasonto.
Lo mdlalo udlalwe iSpurs seyifake isikhalo ngokudlaliswa kukaSaziso Magawana okuthiwa akanawo amaphepha amkhulula ukuthi adlalele iCity, asuka kwiMarumo Gallants abeyidlalela ngesizini edlule.
I-JDR Stars nayo ilifakile icala ngoMagawana kanti kulindeleke ukuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL lithathe isinqumo ngoLwesibili.

