EzakamuvaI-MTN 8

IStellies ishaye Usuthu yadlulela phambili kwiMTN8

SIHLE NGUBO

IStellenbosch FC idlulele kowandulela owamanqamu weMTN8 kulandela ukushaya AmaZulu FC ngo 3-2 kwi-quarterfinal, eCape Town Stadium, ngeSonto.

Lo mdlalo ubunganqotshwa nayiliphi iqembu njengoba uze waya esikhathini esengeziwe, lingekho ebelifuna ukugxoba uphondo.

Izivakashi yizona ezibone inethi kuqala uKeegan Allen eshaya igoli ngomzuzu ka-17.

Lo mdlali bekungumdlalo wakhe wokuqala ngqa egqoke imibala yoSuthu.

IStellies izamile ukubuyela emdlalweni futhi yagcina ikhombisa ukuthi idlalela ekhaya.

USanele Barnes ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-25, kwacaca ukuthi aseza amanye amagoli.

Unozinti uRichard Ofori ushayeke kabi ngedolo likaBarnes ekhanda, ngesikhathi kungena leli goli.

Kuphoqeleke ukuthi Usuthu lwenze ushintsho lufake u-Olwethu Mzimela endaweni ka-Ofori.

Yize womabili amaqembu ewatholile amathuba okushaya amagoli kodwa ziye ekhefini kungu 1-1.

Isiwombe sesibili siqale zithengana kodwa iStellies ibuye yangaphezulu ngokuhamba kwesikhathi.

UBarns ushaye enhle ifree kick yakhala phakathi ngomzuzu ka-69, wasala emile uMzimela ezintini zoSuthu.

Kucacile ukuthi kuzoba wumqansa ukubuya kuMaZulu uma kubhekwa indlela umdlalo obususamba ngayo.

Nokho uTebogo Mashigo ubuyise ithemba kuMaZulu eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-73.

Ngemuva kwalokho Usuthu luthole amathuba amaningi okugoqa umdlalo kodwa lwangawasebenzisa ngendlela efanele.

Umdlalo uphele kungu 2-2 emizuzwini engu-90 kwaphoqeleka ukuthi kuyiwe esikhathini esengeziwe.

Igoli eliphule izinhliziyo zoSuthu lishaywe uLangelihle Phili ngomzuzu ka-108, kwacaca ukuthi iStellies ibheke kowandulela owamanqamu.

Leli qembu laseKapa lishaywe yi-Orlando Pirates ngo 3-1 kowamanqamu weMTN8 ngesizini edlule.

Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, uzokwethemba ukuthi bazophinde bafike kowamanqamu bazame ukunqoba indebe.