EzakamuvaI-MTN 8

IPirates izobhekana neSundowns kowandulela owamanqamu weMTN8

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates izobhekana neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN8 ka-2025, kulandela ukuqhathwa kwamaqembu ngeSonto ebusuku.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekana iStellenbosch FC neSekhukhune United okuyiwona amaqembu asele kulo mqhudelwano.

Imidlalo yomlenze wokuqala izodlalwa ngempelasonto ka-Agasti 16 no-17.

IBucs neStellies bazodlalela ekhaya emilenzeni wokuqala, bese baye ekuhambeni emilenzeni yesibili.

ISundowns izibekisele indawo kweyandulela owamanqamu weMTN8 ngokubhaxabula iRichards Bay FC ngo 4-0 kwi-quarterfinal yokugcina, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto.

Igoli lokuvula umdlalo lingene ngomzuzu weshumi kanti lize no-Iqraam Rayners, olingqofele phakathi kade kuyikhona.

Bese kubukeka sengathi zizoya ekhefini kungu 1-0 kodwa ompetha beligi balokhu becindezele njalo.

Lokhu kuholele ekutheni ukaputeni weBay, uSimphiwe Mcineke, alihlohle ngasekhaya ngomzuzu ka-45+2, kwaba ngu 2-0.

Ibuye ekhefini isavutha iSundowns, iphaselana ibhola badideke abafana beNatal Rich Boyz.

Akumangazanga nakancane ngesikhathi uRayners eshaya igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-54, kwaba ngu 3-0.

Indlela obesekwenzeka ngayo bese kubukeka sengathi iBay izolotsholwa ngembudlu yamagoli kulo mdlalo.

Ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-75 kanti lize nomfana osemncane uSiyabonga Mabena, ongene ngesiwombe sesibili esuka ebhentshini.

Ukushaywa kweNatal Rich Boyz kuchaza ukuthi kuphelile ngamaqembu aKwaZulu-Natal kwiMTN8 yalo nyaka.

AmaZulu FC nawo awashiswe ijezi yiStellenbosch FC ewashaye ngo 3-2 esikhathini esengeziwe eKapa ngeSonto.