UJohnson nesixwayiso esinqala kuMfundo Vilakazi ngeChiefs
Umqeqehsi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, usexwayise uMfundo Vilakazi oneminyaka engu-18 ngokuthi angalinge angene obishini lokudidiswa wudumo lokudlalela iqembu elikhulu.
UMfundo Vilakazi udlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini elikhulu kwiChiefs kwiNedbank Cup Last 32 ngempelasonto edlule.
Nokho akubanga wumdlalo ayowukhumbula ngenjanbulo uMfundo Vilakazi njengoba iChiefs iguqiswe yiMilford FC kulo mdlalo.
Ithuba elilandelayo kulo mdlali osemncane lokugqama kuMakhosi lingase liqhamuke emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo oseFNB Stadium ngo-5-45 ntambama, iChiefs izogadulisana nomakhelwane baseSoweto iMoroka Swallows.
“U(Vilakazi) ungumuntu okhombisa ukukhula ngomqondo njengoba engumfanyana oneminyaka engu-18,” kusho uJohnson.
“Uqinile futhi ngicabanga ukuthi lokho kungenxa yalapho aphuma khona nakwakubone kwabanye abadlali eqenjini.
“Asikhulekele ukuthi akwazi ukuziphatha, angaziphakamisi ukuze ezokwazi ukuveza lokho abantu abafuna ukukubona.
“Lokho yibhola, hhayi amaLouis Vuitton, amaGucci nokunye okunjalo.”
Ngomdlalo weSwallows, uJohnson uvume ubunzima bokuhlaziya lezi zimbangi ebezinezinkinga ezinkingi ngaphambi kokuqhubeka kwemidlalo yePSL.
Obengumqeqeshi weSwallows, uSteve Komphela, ushiye iqembu endaweni yakhe kwathathwa iphini lakhe uMusa Nyatama.
Ngaphezu kwalokho, leli qembu lixoshe inqwaba yabadlali ngemuva kwesiteleka ngasekupheleni konyaka odlule.
“Ngomzuzwana owodwa kunzima kakhulu, kodwa sigxila kulokho esikubonayo.
“Sebenemidlalo emibili selokhu kwahamba uSteve, sibheka ukuthi yini eshintshile ngaphansi kukaMusa (Nyatama).
FUNDA NALA: ISafa isimbanga ‘nesesheli’ esinakho konke okufunwa uBroos
“Siyayazi indlela yabo futhi sikhathazeke kakhulu ngokuthi thina siphuma esimweni esibi.”

